Ngenkathi uKylian Mbappe ethulwa ngokusemthethweni phambi kwezinkumbi zabalandeli beReal Madrid abangu-85 000 eSantiago Bernabeu, eMadrid, eSpain ekuqaleni kwaleli sonto, cishe iningi labathandi bebhola emhlabeni bebethe njo begqolozele izinkundla zokuxhumana kuqopheka omunye umlando.
UMbappe (25), oyinkalimeva yomgadli ongalibheki ipali, bese kuphele isikhathi eyamaniswa neMadrid kwagcina kumenyezelwe ngokusemthethweni ngoJuni 3 ukujoyina kwakhe iMadrid ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe esuka kwiParis Saint Germain (PSG) eyizingqungqulu zaseFrance.
Ufika kwiMadrid nje ubesephule amarekhodi amaningi kwiPSG abesegijime kuyona amasizini ayisikhombisa, okubalwa kuwo irekhodi lokuhlohla amagoli angu-256 alephula ngoJanuwari nyakenye, ephula irekhodi lika-Edinson Cavani lamagoli angu-200.
Ngaphandle kwalokho, lo mgadli owanqoba iNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe laseFrance ngo-2018, ubesezuze okuningi neqembu lakhe iPSG okubalwa izicoco zeligi, i-Ligue 1 amahlandla ayisithupha, ezine zeCoupe de France, nezimbili zeCoupe de la Ligue.
Ngokwezingqapheli zebhola, uMbappe osezuze okuningi okufiswa yinanoma yimuphi umdlali webhola elikhokhelayo, ubengasenayo inselelo eFrance, ubesedinga enye inselelo yokududulana nezinye izinkalimeva zabadlali ezisezingeni lakhe kwenye yamaligi amakhulu e-Europe okubalwa kuwo i-English Premier League neSpanish La Liga, njengoba egcine eselandela ezinyathelweni zeqhawe lakhe uCristiano Ronaldo ngokujoyina izingqungqulu zaseSpain, iReal Madrid.
Ukwemukelwa kwakhe yizinkumbi zabalandeli eziyinkulungwane ezingu-80 kufana ncamashi nokwenziwa yiqhawe lakhe uRonaldo ngo-2009 ngenkathi ethulwa kwiMadrid esuka kwiManchester United lapho emukelwa khona yizinkumbi zabalandeli abangu-85 000.
“Lolu ngusuku olukhethekile kimi. Kusukela ngiseyingane ngangilokhu nginephupho lokudlalela iMadrid, kodwa namuhla nakhu ngilapha (kwiMadrid). Lokhu kusho lukhulu kimina,” kusho uMbappe, ecashunwa yiphephandaba lebhola laseSpain, iMarca.
Ukujoyina iMadrid kukaMbappe kuhumusheka ngokuthi lo mgadli usefike lapho zishukwa khona, nokuyilapho enethuba lokunqoba khona isicoco sakhe sokuqala se-Uefa Champions League, okuyisona sicoco cishe aseshoda ngaso njengamanje. IMadrid iyaziwa ngokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano njengoba ngesizini edlule iqophe umlando iwunqoba ihlandla lesi-15, okuyenza iqembu eselinqobe lo mqhudelwano kaningi kunawo wonke.
Ngesizini ka-2019/2020 uMbappe waphunyukwa yisicoco seChampions League, i-PSG iguqiswa yiLiverpool kowamanqamu.
IMadrid izovula isizini yeLa Liga ka-2024/2025 ngokugadulisana neMallorca ngo-Agasti 18, okungenzeka kube yilapho uMbappe ebonakala okokuqala enkundleni.