KUZOCACA ngosuku lokugcina ngeqembu elizowina iligi yeMotsepe Foundation Championship ebangwa ngamaqembu amathathu.
Kuphenduke amatafula emidlalweni yangeSonto, ngesikhathi iCasric yehluleka ukuqoqa amaphuzu amathathu abezoyibeka ethubeni elihle lokuwina iligi, yenyukele kwiDStv Premiership.
Imidlalo iqale kuhlezi iCasric esicongweni, ilandelwa yiCape Town Spurs. IPolokwane kade ilandela endaweni yesithathu, isele ngamaphuzu amathathu kwiCasric.
Nokho amaphuzu amathathu atholwe yiSpurs ngesikhathi yehlula iMM Platinum (La Masia), ayibeke esicongweni ngawu-56. Lokhu kungenxa yokuthi iCasric ibanjwe yiVenda Football Academy ngo-1-1 okuyenze yehlela endaweni yesibili ngawu-55.
IPolokwane izibeke ethubeni lokungena kwiPremiership uma kushibilika iSpurs neCasric ngokwehlula Platinum City Rovers ngo-2-0. Isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-54.
Emdlalweni wokugcina wesizini, iCasric izoyolwela amaphuzu agcwele kwi-All Stars ekuhambeni. ISpurs izokwamukela i-University of Pretoria emdlalweni okufanele noma yikanjani iwuwine ukuze izonyukela kwiDStv Premiership. IPolokwane izovala isizini nePretoria Callies e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Uma iSpurs yehlula iTuks ngeSonto, iCasric nePolokwane bazothola ithuba lesibili ngokudlala eyokuhlunga neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership.
Uma iCasric, ehlanganiswe ekuqaleni kwesizini ikade iyiFree State Stars, igcina inyukela kwiPremiership izoba yiqembu lesibili laseMpumalanga elidlala kulesi sigaba. Okwamanje lesi sifundazwe simelwe yiTS Galaxy kuphela. ISpurs ibheke ukuba yiqembu lesithathu laseKapa kwiPremiership, ijoyine iCape Town City neStellenbosch.
IPolokwane edliwe yizembe kwiPremiership ngesizini ka-2019/2020, ibheke ukubuyela kulesi sigaba izojoyina abakhaya bayo iMarumo Gallants neSekhukhune United okungamaqembu athathwa njengawaseLimpopo.
Imiphumela yeMotsepe Foundation Championship: Baroka 1-0 Hungry Lions; Black Leopards 1-3 Cape Town All Stars; Casric 1-1 Venda Academy;Magesi 0-0 Uthongathi; La Masia 1-2 Cape Town Spurs; Pretoria Callies 1-0 JDR; University of Pretoria 2-0 TTM; Platinums City Rovers 0-2 Polokwane City.