ITHIMBA labaqeqeshi beMamelodi Sundowns Ladies, lithandazela ukuthi silulame kusenesikhathi isitobha seqembu, uBambanani Mbane.
Lesi sitobha silimale ngesikhathi iqembu lesizwe iBanyana Banyana, lidlala emqhudelwaneni wamazwe, iNdebe yoMhlaba.
UMbane ukhishwe ngohlaka ngesiwombe sokuqala ngeSonto, iBanyana ibhekene neNetherlands, kowe-Last 16 eNdebeni yoMhlaba, lapho iguqiswe khona ngo 2-0.
Ubeyingxenye yabadlali nabaqeqeshi beBanyana abatheleke kuleli izolo ntambama besuka eSydney, e-Australia.
ISundowns Ladies izodlala emqhudelwaneni weCosafa, kusukela ngo-Agasti 30 kuya ku-8 Septhemba, eThekwini. Kuzobe kuhlungwa iqembu elizoya komela isifunda kwiCaf Women Champions League.
U-Agnes Nkosi, oyiphini lomqeqeshi kwiLadies, ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu, ubengakaqiniseki ukuthi umdlali uzokwazi yini ukubonakala emqhudelwaneni.
“Sikhathazeke kakhulu ngoBambanani kodwa siyakuqonda ukuthi lezi zinto ziyenzeka ebholeni. Indlela abezinikele ngayo eNdebeni yoMhlaba, indlela abemaka ngayo ngisho kunzima ibikhombisa ukuthi uzimisele ukulifela izwe,” kusho uNkosi.
“Asikazi ukuthi ulimele kangakanani, sisalinde umbiko oqhamuka eqenjini lesizwe nokuthi aphinde ahlolwe ngodokotela bethu. Siyethemba ukuthi uzolulama ngokushesha futhi sibafisela okufanayo nabanye abadlali bakuleli abalimele eNdebeni yoMhlaba, uFifi (Refiloe Jane) noJermaine (Seoposenwe).
“Uma uBambanani engeke akulungele ukusidlalela emidlalweni yeCosafa kuzolilimaza kakhulu iqembu ngoba isipiliyoni sakhe sibalulekile. Siyamdinga. Uhlale engumdlali omqoka kithina kwiligi nakule miqhudelwano emikhulu efana neCosafa neCaf Champions League. Okwamanje ngisathandaza.”
ISundowns ifakwe kuGroup B izolo ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azogadulisana. Kuleli qoqo izobangisana ne-Olympic de Moroni yaseComoros, Costa do Sol yaseMozambique, neYoung Buffaloes yaseSwatini.
KuGroup A kukhona ompetha iGreen Buffaloes yaseZambia, iDouble Action Ladies yaseBotswana, iLesotho Defence Force neNtopwa FC yaseMalawi, ezobe idlala okokuqala kulo mqhudelwano.
Amaqembu amabili azophuma phambili eqoqweni ngaliny,e azodlulela kweyandulela owamanqamu bese kuthi iqembu elizodla umhlanganiso kowamanqamu limele iCosafa kwiChampions League, okuhlelwe ukuthi ibanjelwe e-Ivory Coast kusukela ngoNovemba 5 kuya ku-19.
ISundowns inqobe lo mqhudelwano ngo-2021, yaqhubeka yaba ngompetha base-Afrika. Ngesizini edlule ihlulwe yiGreen Buffaloes kowamanqamu weCosafa, yakwazi ukungena kuChampions League njengoba ibivikela isicoco. Iphinde yahlwithwa naleyo ndebe ngesikhathi ishaywa yi-AS FAR Rabat yaseMorocco kowamanqamu.