KUHLALUKE ukuthi azohlangabezana nezingqinamba ezahlukene amaqembu athunyelwe iPremier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League nakwiCaf Confederation Cup ngesikhathi kuqhathwa eyokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyamaqoqo izolo.
IMamelodi Sundowns eyithemba lePSL ayizange iqhathwe kwazise isemaqenjini akleliswe phezulu ngokweCaf okuhamba negunya lokungayidlali eyokuqala yokuhlungela eyamaqoqo.
Akuyona yodwa iSundowns ezophumula kweyokuqala kepha i-Al Ahly yase-Egypt, ES Tunis yaseTunisia, Petro de Luanda yase-Angola ne-TP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) nabo bazohlaba ikhefu.
Sihlukile isimo kwi-Orlando Pirates ebuya kulo mqhudelwano kulandela ukukhishwa kwayo esigabeni esifanayo yiJwaneng Galaxy yaseBotswana ngesizini edlule.
IBucs elale isibili kwiDStv Premiership iqhathwe neDisciples FC yaseMadagascar okungaziwa lutho ngayo emiqhudelwaneni yeCaf.
Okusobala ukuthi umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ngeke abavumele abadlali bakhe ukuthi bayithathe kancane iDisciples kwazise uhlala akuveze ukuthi iseyisilonda kangakanani kuyena indaba yeJwaneng.
Kungena eleJwaneng nje, iPirates ingase ibhekane nayo kowesibili wokuhlunga kodwa lokhu kuncike ekutheni inqobe kwiDisciples.
Iqembu elizowina phakathi kwePirates neDisciples, lizobe selibhekana nozokhonya phakathi kwe-African Stars yaseNamibia eyayidlalelwa uDeon Hotto neJwaneng kaMorena Ramoreboli.
Uma isijoyina eyokuhlungela amaqoqo iSundowns iqhathwe nozonqoba phakathi kweMbabane Swallows, yase-Eswatini neClub Ferroviario da Beira yaseMozambique.
KwiConfed, ibanga elihanjwe yiSekhukhune United kulo mqhudelwano ngesizini edlule, liyinike ithuba lokuphumula kweyokuqala kodwa akunjalo kwiStellenbosch FC.
IStellies eqalayo ukuba ingxenye yemidlalo yeCaf izoqala ngomakhelwane iNsingizini Hotspurs yase-Eswatini. Uma inqoba izobhekana nezinkunzi zaseDRC, i-AS Vita.
IBabina Noko izobhekana nozonqoba phakathi kwe-ELGECO Plus yaseMadagascar neCD Luanda yase-Angola uma sekufike isikhathi sokuthi iqale eyokuhlunga.