IBANYANA Banyana iqiniselele izingqinamba yalibangisa eTurkery sekuvalwe amehlo izolo ebusuku ngenxa yokungaqondakali kwesimo kuleliya lizwe elibhekene nenhlekelele yokuzamazama komhlaba.
Iqembu lakuleli elihlanganise abadlali abadlala kuleli nabazinze phesheya liyoyibamba kwiTurkish Women’s Cup.
Ukuzamazama komhlaba eTurkey kuqale ngoMsombuluko kudiliza inqwaba yamabhilidi kwadlula nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-33 000.
Ezifundazweni ezingu-81 zakuleli lizwe elimaphakathi kwe-Europe ne-Asia, zingu-10 okubikwe ukuthi zithinteke kakhulu okubalwa kuzo iHatay, Kahramamanmaras ne-Adiyaman.
Idolobha okuzodlalelwa kulona umqhudelwano i-Alanya, elisesifundazweni i-Antalya, alithintekanga futhi likwaseqalile ukwamukela abasinde kwezinye izindawo.
Ngesikhathi umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis ememezela isikwati asiqokele lo mqhudelwano ngoMsombuluko odlule, elakuleli kwakuhlelwe ukuthi libhekane neTurkey, iVenezuela ne-Uzbekistan.
Nokho osokhaya sebehoxile ngenxa yesimo esithinta izwe lonke. Amanye amazwe angeke esaba yingxenye yalo mqhudelwano yiVenezuela neJordan.
Ukuhoxa kwamaqembu amabili abezodlala neBanyana kusho ukuthi u-Ellis nethimba lakhe sekumele bashintshe okuthile ezinhlelweni ebeziqondene ngqo namaqembu abebezobhekana nawo.
Lo mqeqeshi weBanyana ubebheke ukuthi ukududulana neTurkey kubalungiselele imidlalo abazoyidlala namaqembu ase-Europe kwi-2023 Fifa Women’ World Cup - iSweden ne-Italy, kanti iVenezuela ibizobanika isithombe esingcono ngokumele bakulindele kwi-Argentina.
Ukubhuntsha kwale midlalo kuchaza ukuthi iBanyana isizowusebenzisa ngendlela ehlukile lo mqhudelwano ukulungiselela iNdebe yoMhlaba ezoba se-Australia naseNew Zealand kusukela ngoJulayi kuze kube ngu-Agasti.
Iwindi elilandelayo lokudlala imidlalo yamazwe ebholeni labesifazane, nokuzoba ngelokugcina lizoba ngo-Ephreli.
IZambia, esemaqenjini azomela i-Afrika kweyoMhlaba, nayo izoba yingxenye yeTurkish Women’s Cup futhi itheleke ngeSonto e-Alanya ukuzoqhubeka namalungiselelo alo mqhudelwano.