IYAQONGA ingcindezi kwiMamelodi Sundowns nakubaqeqeshi bayo abathathu, yokunqoba isicoco leli qembu elingakaze lisithole. Ungabala isicoco seligi (esinqobe amahlandla ayishumi), iNedbank Cup, Telkom Knockout, CAF Champions League ngisho neseCAF Super Cup, iSundowns isiziphakamise zonke ngaphandle kweMTN 8.
UPitso 'Jingles' Mosimane ngumqeqeshi owole izicoco neqembu, useze washiya kuBafana Be Style, engazange asiphakamise lesi sicoco. Lokhu kusho ukuthi uManqoba 'TV' Mngqithi, Rhulani Mokwena noSteve 'Mphathi' Komphela bamelwe ukuqopha umlando ngokunqoba lesi sicoco okokuqala ngqa.
ISundowns izodlala neBloemfontein Celtic ngeSonto kwi-quarter final yeMTN 8 eLucas Moripe Stadium, ngo-6 ntambama. Ziya kulo mdlalo nje, iSiwelele sisazikhotha amanxeba ngemva kokwehlulwa kwaso Abafana Ba Style kowamanqamu kwiNedbank Cup ngasekupheleni kwesizini edlule.
UMngqithi ubona kuyithuba elihle leli lokuthi bazibekele owabo umlando, ngokunqoba iMTN 8 esibahlule iminyaka.
“Ukukhuluma iqiniso, sizosilwela lesi sicoco. Sesicubungulisise kahle ukuthi yini le ebisishaya yonke le minyaka sihluleka. Yebo sesizinqobe zonke izicoco kodwa lesi sisikhipha inkani. Sizolwisa okwengwe ukuze sisithole,” kusho uMngqithi.
Kubukeka sengathi uMngqithi, nethimba asebenzisana nalo bazifakela ingcindezi zibekwa nje, isizini iqala. Nokho kungenzeka ukuthi ingcindezi esuka phezulu kwizikhulu nomengameli weqembu, ngokusho kwalo mqeqeshi.
“Ngaphansi kwesizwe seYellow Nation, lesicoco sifuneka kakhulu. Kusuka kubadlali abaphathi beqembu, umengameli weqembu nebhodi bonke sebekubeke kwacaca ukuthi bayasifuna. Sithandazela ukuthi onkulunkulu bebhola basizwele, sikwazi ukusinqoba,” usho kanje uMngqith
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abayizinkunzi zaseSoweto, sekubalwa iminyaka bagcina ukuphakamisa indebe. IChiefs kungenwa kwisizini yesithupha yagcina ukufaka indebe eNaturena. IPirates yona ingena kwisizini yesikhombisa yagcina ukujabulisa abalandeli ngesicoco.