UKAPUTENI weMsinga United obuye abe ngunozinti wayo, uSamkelo "Dam Dam" Sithole, ukholwa wukuthi ukukhushulelwa kweqembu esigabeni esikhokhelayo kungenza isimo sempilo sibe ngcono kuye nozakwabo. Kumanje balungiselela ukumela iKwaZulu-Natal, umdlalweni wamaPlay-Off kazwelonke, lapho kuzocaca khona
USithole (25), waKwaMajozi, eMsinga, uzobe ezihola enkundleni ezoMsinga United kumaPlay-Off kazwelonke eSafa ABC Motsepe League.
Le midlalo izoba kusukela ngoJuni 5 kuya ku-11, eSuga Ray Xulu Stadium naseKing Zwelithini Stadium, eThekwini.
Kula maPlay-Off kazwelonke kuzodlana imilala amaqembu ayisishiyagalolunye azobe emele zonke izifundazwe zakuleli. Le midlalo ngeyokuhlunga amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship, okuyiFirst Division. Lesi yisigaba esikhokhelayo esiphakela eseDStv Premiership.
UMsinga ufinyelele kwekazwelonke ngokudla umhlanganiso kumaPlay-Off esifundazwe ngeledlule ngokuguqisa iMilford FC.
“Kusho lukhulu kimi ukuthi ngizobe ngihola iqembu langakithi elizomela isifundazwe saKwaZulu-Natal kumaPlay-Off kazwelonke, eMotsepe League.
“Ukuba ngumdlali odabuka endaweni yaseMsinga, kukodwa nje, kungikhuthaza kakhulu ekutheni ngilwe ngakho konke enginakho ngokubambisana nozakwethu eqenjini. (Ukuze) kufezekise iphupho leminyaka, lokuthi iqembu lakule ndawo ligcine likwazile ukungena esigabeni esikhokhelayo,” kuchaza uSithole.
Unozinti owaphuthula u-matric ngo-2016 esikoleni iMadudula High, eMsinga. Ungomunye wabantu abasha abangakwazanga ukuqhubeka nezifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yokungabi namandla kwabazali.
“Njengoba ngidlala lapha kuMsinga kukhona okuncane engikutholayo, mina nozakwethu. Kwenza ngikwazi ukubuya nokuthile ekhaya ekupheleni kwenyanga, nosekungenze ngayeka namatoho ebengiwabamba phambilini ukuze ngigxile ngokuphelele ekudlaleni ibhola.
“Ngakho-ke ngikholwa wukuthi uma iqembu lingase likhushulelwe esigabeni esikhokhelayo seMotsepe Foundation Championship, isimo sempilo singaba ngcono kakhulu kunalokhu esiyisona njengamanje. Ngingakwazi ukuba wusizo ekhaya, ikakhulu kumama wami uKaManyoni, ongeseka kakhulu ekudlaleni kwami ibhola.
“Ngakho lokhu kuyisikhuthazi esikhulu kimina nozakwethu ekutheni silwe ngakho konke esinakho, ukuze sifake leli qembu esigabeni esikhokhelayo.”
Kanti ngakolunye uhlangothi uDoctor Mkhonza, umqeqeshi woMsinga, ubhekene nenselelo yokuqeda ishobolo leminyaka lokungaphumeleli kule midlalo kazwelonke yokulwela ukungena esigabeni seFirst Division.
Phakathi kwamaqembu aseke wawaqeqesha kule midlalo kazwelonke ebhekwa yisambane, kubalwa AbaQulusi FC, iNewcastle Sicilians, Amajuba United, noMvoti FC.