UKUQONDA ngezinselelo ezibhekene namaqembu adlala esigabeni se-Safa ABC Motsepe League, yikho okumenze welula isandla ngoxhaso kulesi sigaba, uGian Chidoni, ongumqondisi wePrimo Sports.
IPrimo Sports esayine isivumelwano ne-Safa KwaZulu-Natal, yiyo ezoxhasa ngejezi lokudlala amaqembu adlala kwi-Safa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, iphinde ibe ngabaxhasi bomqhudelwano wendebe ozodlalelwa minyaka yonke ngamaqembu e-KZN ABC Motsepe League, ozokwaziwa ngePrimo Cup.
Ukwethulwa ngokusemthethweni kwePrimo Sports njengabaxhasi be-Safa KZN ABC Motsepe League nePrimo Cup iminyaka emithathu, kwenziwe eRoyal Hotel, eThekwini, ngoLwesine.
Kusukela kule sizini ka-2023/2024 ezoqala maduze ye-Safa KZN Motsepe League, wonke amaqembu angu-20 akulesi sigaba azodlubha ijezi lePrimo elinemibala yasekhaya neyasekuhambeni.
Kanti ngaphambi kokuqala imidlalo yeligi, amaqembu akulesi sigaba azoqhuthana kowomkhumulajezi, iPrimo Cup, ezoqala kusasa ngeSonto isongwe ngoSepthemba 10, e-Edgewood Grounds, ePinetown.
Iqembu elizodla umhlanganiso lizokhala lemuke nendebe engumantuntanendishi nesheke likaR50 000, kuthi elizolala isibili lithole umthobanhliziyo kaR20 000, elizothatha indawo yesithathu lithole uR10 000.
“Njengomuntu oke waba neqembu iDurban FC esigabeni se-ABC Motsepe League, ngisiqonda kangcono isimo nezinselelo ezibhekene namaqembu adlala kulesi sigaba, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezimali.
“Yingakho-ke sibone kunesidingo sokuthi selule isandla lapho esingakwazi ukuxhasa khona njengenkampani ekhiqiza izimpahla zokudlala. Kuyintokozo kimi ukuphinde ngibe yingxenye yakulesi sigaba seMotsepe League yize sengikolunye uhlangothi,” kusho uChidoni.
UVela Ngubane, oyimenenja yoMsinga United, engelinye lamaqembu adlala kulesi sigaba se-KZN ABC Motsepe League, uthe lolu xhaso lusho lukhulu kubona njengamaqembu adlala kuso.
“Lolu xhaso lusho lukhulu kithina maqembu njengoba ukuthenga ijezi kumba eqolo, futhi kudinga ukushayelwa ihlombe okwenziwe ngabePrimo Sports, ngoba kuzokwehlisa umthwalo emaqenjini amaningi adlala kwi-ABC Motsepe League kulesi sifundazwe,” kusho uNgubane.
UKwenzakwakhe Ngwenya ongusihlalo we-Safa KwaZulu-Natal, uthe: “Sijabule kakhulu siyiSafa KwaZulu-Natal ukuthola abaxhasi. Lokhu kuyingqophamlando kithina. Sikholwa wukuthi nomqhudelwano womkhumulajezi, iPrimo Cup nawo uzowagqugquzela kakhulu amaqembu.”
Aqhathwe kanje amaqembu kwiPrimo Cup:
Kusasa, e-Edgewood Grounds:
Ngo-10am:
Chess FC v Oyzn Academy; Muzi King Masters v Swayimane United; Hellenic v Mkhambathi FC; Msinga United v Midlands Wanderers
Ngo-12pm:
Umvoti FC v Mkhumbane Classic; Ethekwini Coastal v Njampela FC; Asande FC v GWP Friends; Summerfied Dynamos v Newcastle All Stars
Ngo-2pm:
Drankensburg FC v Stone Breakers