IMOROKA Swallows ayisimoshanga isikhathi, yawavuma amacala ebibekwe wona yikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL).
Ibe isithola isigwebo sokuphucwa amaphuzu kuyona yomibili imidlalo engafikanga kuyona ngenyanga edlule.
Leli qembu alizange lilubhade emdlalweni weDStv Premiership okwakumele liwudlale neMamelodi Sundowns ngoDisemba 27 kanjalo nowangoDisemba 30, okwakumele liwudlale neLamontville Golden Arrows.
Laveza ukuthi lokhu kungenxa yokungaboni ngaso linye phakathi kwabaphathi beqembu nabadlali ngodaba lwemiholo. Abadlali banquma ukuteleka ngoba bekhala ngokuthi abaholelwe ngoDisemba.
Umshushisi wePSL, uZola Majavu, ukuqinisekisile ukuthi iSwallows iphucwe amaphuzu anikezwe izimbangi, zathola namagoli amathathu ngaphezulu.
“Ngemuva kokuthi amacala ebekwe phambi kwabo, bawavumile, iligi ikwakumele lokho base begwetshwa ngendlela efanele. Mayelana nesigwebo, ngemuva kokulalela izinhlangothi zombili zabameli beligi naseSwallows, okokuqala ikomiti libe selinquma ukuthi umdlalo ngamunye izimbangi zinikwe amaphuzu amathathu namagoli amathathu, okubizwa ngokugingqelwa ngolimi lwasebholeni. Okwesibili, bahlawuliswe uR1 million okulengiswe kuwona uR600 000 izinyanga ezingu-24 ngombandela wokuthi abatholwa benecala elifanayo. Ingxenye esele kaR400 000 kumele ikhokhwe ngokushesha. Bayalelwe nokukhokha izindleko zokuhlala kwecala,” kusho uMajavu.
Uthe Izinyoni zibe sezidonswa ngendlebe ngokuthi zingaphinde zizithole zenza icala elifanayo ngoba lokho kungeza nesigwebo esinzima kakhulu.
“Bangathola isigwebo sokumiswa kwiligi noma baxoshwe kwiligi kodwa iDC ikwakumele ukuthi balivumile icala, baphinde baqinisekisa ukuthi sebesitholile isifundo futhi sebenze izinhlelo zokuthi lesi simo esilimala isithunzi seligi asiphinde senzeke,” kusho uMajavu.