SuperSport United (0) 0
Stellenbosch (0) 0
ISUPERSPORT United izenzele phansi yehluleka ukucosha amaphuzu agcwele kwiStellenbosch United emdlalweni weDStv Premiership eTUT Stadium, eTshwane, ngoLwesibili ebusuku.
ISuperSport, engakaze yehlulwe ekhaya kule sizini, ingene enkundleni iyofuna amaphuzu amathathu abezokwenza ibuyele endaweni yesibili kwi-log egudluzwe kuyona yi-Orlando Pirates ngempelasonto edlule.
IPirates yenyukele endaweni yesibili emuva kokwehlula iTS Galaxy, yavula igebe lamaphuzu amabili phakathi kwayo neSuperSport. Ukuthola iphuzu kweSuperSport kuyenza isale ngephuzu kwiPirates ekubeni iphambili ngomdlalo. Iqembu elizoqeda endaweni yesibili kwi-log lizojoyina iMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Ngaphambi kokuqala komdlalo, bekubukeka izozihambela kalula iSuperSport kwazize iStellies iqale ngaphandle kwabadlali bayo abamqoka okukhona kubona uJunior Mendieta, Sibongiseni Mthethwa, Fawaaz Basadien, Olwethu Makhanya nabanye. Laba badlali akubuzwa ukuthi baphunyuzelwe umdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup abazowudlala neSekhukhune United ngempelasonto.
Umgadli oyisethenjwa u-Inqraam Rayners akadlalanga ngenxa yesivumelwano esenziwe ngesikhathi ethengwa kwiSuperSport ngoJanuwari.
Emdlalweni, iSuperSport iyona ekhombise ukuba namandla kodwa yehluleka uma isifike phambili. Imizamo yeStellies kade iphelela odongeni lwasemuva lwaMatsatsantsa. Ukuphatha kwayo umdlalo kugcine kungathelanga zithelo kwaze kwaphela isiwombe sokuqala.
Esiwombeni sesibili, iStellies ibuye ngomfutho. Unozinti weSuperSport, uRicardo Goss, utakule ezakhe echithela ngaphandle ishodi likaJadon Adams ngomzuzu ka-46. Emuva kwalokho, iSuperSport iqhubekile nokuhlasela kodwa izinto bezingahlangani phambili.
Ngokubona ukushuba komdlalo, umqeqeshi weStellies uSteve Barker, ugcine efake uMthethwa noBasadien. Nokho konke kugcine kungathelanga zithelo.