Mamelodi Sundowns (0) 1
Al Ahly (0) 0
IMAMELODI Sundowns izisondeze nokungena esigabeni samanqamu se-Africa Football League (AFL) inqoba kwi-Al Ahly yase-Egypt, emdlalweni womlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu ngeSonto ntambama, eLoftus Versveld.
Igoli lishaywe uThapelo Maseko, ebelihle nalishaye esiwombeni sesibili.
Leli qembu eliqeqeshwa uRhulani Mokwena sekusele liyoqedela umsebenzi emlenzeni wesibili, elizowudlala kwese-Al Ahly ngoLwesithathu.
Ayizange isebenze imikhuleko kaMokwena ngokululama kukaPeter Shalulile noLucas Ribeiro, kwazise bobabili bebengekho kulo mdlalo. Wayethe ufisa ukuthi balulame ngaphambi kwawo.
Ngenxa yalokhu iSundowns idlale ngaphandle komgadli.
Izivakashi zizamile ukuyiphuthuma iSundowns umdlalo usanda kuqala. Uhlangothi obekudlala kulona, uKhuliso Mudau, ilona i-Al Ahly ebikhonze ukulusebenzisa kodwa ngaso sonke isikhathi lo mdlali ubekhombisa ukuvuthwa.
Nakuba i-Ahly iqale ngomfutho kodwa akukho lapho iSundowns ebibukeka khona sengathi ithwele kanzima.
Ngokubona ukuthi imizamo yazo ayisebenzi, izivakashi zishintshele ekutheni zihlale emuva ngenhloso yokuphuma ngejubane.
Ukaputeni weSundowns obedlala njengomgadli, uThemba Zwane, bekumele abeke iSundowns ebuhleni ngomzuzu ka-22 kade etholwe kamnandi uMarcelo Allende, kodwa wahluleka.
Bekusobala-ke nokuthi i-Al Ahly izimisele ngokuwenza nduvanduva umdlalo kwazise isenowomlenze wesibili ekhaya.
Sekubuya ekhefini, iSundowns ibisinomfutho ongcono.
Ngomzuzu ka-52, uMaseko ushaye phakathi ingcwenga yegoli elimshiye engakholwa u-El Shanawy ezintini ze-Al Ahly.
Lokhu bese kuyiphoqa i-Al Ahly ukuba isuke emuva ngesikhathi esifanayo, nokuzethemba bekukhula kubalandeli beSundowns abebephume ngobuningi babo.
Ngokuqonda ukuthi igoli elilodwa ngeke kubenzima kangako ukulithola ekhaya, i-Al Ahly iqhubekile nokuvumela iSundowns iqhubeke nokuphatha ibhola yize ibivele ihamba phambili.