Richards Bay FC (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
IMAMELODI Sundowns ilinwebe laba isishiyagalombili igebe lamaphuzu ezihola ngawo esicongweni se-log yeDStv Premiership kulandela ukunqoba kwayo kwiRichards Bay ngoLwesithathu ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Kube igoli likaJunior Mendieta, alishaye esiwombeni sokuqala elinike iSundowns iwini yayo yesihlanu kulandelana kule sizini.
Isinamaphuzu awu-15 emidlalweni emihlanu kanti iBay ikunombolo-14 ngephuzu elilodwa emidlalweni emine.
Bekungalindelekile ukuthi iBay kube iyona eyisa umdlalo kwiSundowns emizuzwini yokuqala uma uzoqhathanisa indlela la maqembu ayiqale ngayo isizini entsha kodwa kusobala ukuthi, uKaitano Tembo, ubezitshelile ezakhe ukuthi kumqoka kangakanani ukuqala ziqoqe amaphuzu.
IBay ingene enkundleni inganqobi njengoba ligcine liqhubekile leli shobolo esilifike emidlalweni ewu-18 uma kuhlanganiswa nemidlalo yesigaba sesibili kwisizini edlule.
Iminyakazo yokuqala yeBay ibiholwa, uJustice Figareido, obeqhamuka ngasophondweni lwesokudla lweSundowns kodwa noLesiba Nku, ubelokhu eqhamuke njalo neyakhe iminyakazo eyingozi yeSundowns ngakwesokudla ohlangothini lwezitha.
Ngomzuzu ka-11, uMendieta ushaye igoli lakhe lokuqala kwiSundowns ngesikhathi ehlangana ngobuchule, noLucas Ribeiro, okhiphe iphasi emangalisayo lwasala lunkemile udonga lwasemuva lweqembu lasekhaya.
Yize uFigareido ethole ithuba elihle lokulinganisa emuva kwegoli leSundowns kodwa ompetha ibona abebekhombisa izimpawu zokwengeza kunokuthi iqembu lasekhaya lilinganise.
Seziyela ngasemaphethelweni esiwombe sokuqala, iSundowns ibisalokhu ingene njalo zaphinde zanda izinkinga zeBay sekukhishwa ngohlaka, uSomila Ntsundwana, oyisithenjwa sayo oshaywe ibhola ekhanda enganakile.
Yize uNtsundwana eqale wagoloza ukungena kwi-ambulensi kodwa ugcine evumile wangena kuyona obekukhomba ukuthi naye uyabona ukuthi kukhona okoniwe ukushaywa kwakhe ibhola ekhanda. Ube esekhishwa indawo yakhe yathwathwa, uSanele Hlongwa.
Kube iBay esisonga kangcono isiwombe kwazise nayo ibisikwazi ukuligcina kuyona ibhola.
Nakwesesibili ezikaTembo bezingahleli emuva kodwa lokhu bekuziklaya obekuvulela iSundowns ukuthi igeleze ibheke, kuSalim Magoola, obevimbe kwiNatal Rich Boys.
Bekufanele ashayele iSundowns igoli lesibili uNku ngomzuzu ka-52 kulandela iphasi enhle kaTebogo Mokoena, kodwa walibeka eceleni kwepali engamakiwe.
Ngokuya komdlalo uqhubeka, bebulokhu buvela ubufakazi bokuthi iSundowns ayikho ebuhleni ngokugcwele njengoba ibingakalishayi igoli lesibili.
ULetsie Koapeng obesanda kungena bekumele alinganisele iBay ngomzuzu ka-66 kodwa wacimeza engamakwe muntu emva kwebhola elihle abeligotshwelwe uFigareido.
URhulani Mokwena opheka iSundowns ufake, uTerrence Mashego noBongani Zungu ezindaweni zika-Aubrey Modiba noNku, ngoba ebona ukuthi iBay iyawukhuphula umdlalo.
Lo mqeqeshi uphinde wadla isikhathi ngokufaka uLebohang Maboe, Ntando Nkosi noThemba Zwane ngemizuzu yokugcina.