Orlando Pirates (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
IMAMELODI Sundowns iphinde ekujwayele iguqisa i-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu ebusuku.
Igoli leSundowns lishaywe nguLucas Ribeiro kuyiphenathi esiwombeni sokuqala.
IPirates ingene enkundleni ibheke ukuqeda ukucanasa kweSundowns ebikade isiyehlule emidlalweni eyisithupha yeligi ilandelana kusukela ngo-2020. Nokho lokho kugcine kungenzekanga kwazise luqhubekile ukhondolo lweminyaka lokuthelwa isibhaxu yiSundowns.
Ngokwehlula iPirates, amaBrazilians angakahlulwa kwiligi asesicongweni se-log ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo eyisikhombisa.
Kungenzeka kuphele nempelasonto kukukhulu ukubhiyoza kubalandeli baleli qembu lasePitoli njengoba ngoMgqibelo lizobuye libhekane nelinye iqembu laseSoweto, iKaizer Chiefs kowomlenze wesibili kweyandulela owamanqamu weMTN8. Umdlalo womlenze wokuqala waphela ngo 1-1, kuyiSundowns esekuhambeni eFNB Stadium.
Enkundleni e-Orlando, iPirates iyona eqale umdlalo ngokukhululeka kodwa iSundowns isheshe yakuqeda lokho, yaliphatha ibhola. Izinto zisheshe zayilungela iSundowns ngesikhathi ithola iphenathi ngemuva kokuthi uSephelo Baloni edlalisa kabi uThemba Zwane. URibeiro uyishaye phakathi.
Emuva kwaleli goli abadlali bePirates bebemfakela ingcindezi, bemkhaca unompempe uMasixole Bambiso uma izinqumo zingabavuni. Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, uMandla Ncikazi oyiphini lomqeqeshi wePirates uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokukhonondela isinqumo sikanompempe okhiphe ikhadi eliphuzi emuva kokuthi unozinti weSundowns Ronwen Williams edlalise kabi uZakhele Lepasa.
Esiwombeni sesibili, iPirates izamile ukubuya kodwa imizamo kade iphelela odongeni lwasemuva lweSundowns. Izinguquko ezenziwe ngumqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena ekhipha izethenjwa, ziyinike umfutho iPirates kodwa yagcina ihlulekile ukushaya igoli lokulinganisa. IPirates nayo ngempelasonto izodlala owandulela owamanqamu neStellenbosch FC, lapho ihamba phambili khona ngo 2-1.