Mamelodi Sundowns (2) 3
Cape Town Spurs (0) 0
IMAMELODI Sundowns iqhubekile nokuvula igebe esicongweni seligi yabuye yandisa izinkinga zeCape Town Spurs, iyibhaxabula ngo 3-0, ngoLwesithathu koweDStv Premiership, eLoftus Versfeld Stadium.
AmaBrazilians aye ekhefini ehamba phambili ngamagoli amabili eqandeni. Elokuqala kube inguzunga yeshodi ekhahlelwe uSipho Mbule engaphandle kwebhokisi. Elesibili lishaywe isitobha uGrant Kekana.
UPeter Shalulile ongene esiwombeni sesibili, ushaye elesithathu esiwombeni sesibili. Bekungelesishiyagalolunye sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
Kulo mdlalo iSundowns yenze uguquko lwabadlali abayishumi.
Kubuye kuphela uKekana esikwatini esibambane ngeqanda nePyramids yase-Egypt kowamaqoqo eCaf Champions League ngempelasonto edlule.
Kubonakale nonozinti uDenis Onyango okokuqala kule sizini.
I-Urban Warrios yenze ushintsho lwabayisithupha eqenjini elibhaxatshulwe kodlule iStellenbosch ngawo u 3-0.
AmaBrazilians asayinqobe yonke imidlalo ewu-11 yeligi aseyidlalile njengoba esashaya amaphiko esicongweni se-log ngamaphuzu awu-33. Leli irekhodi elisha lemidlalo yokuqala enqotshwe yiqembu kulandelana kwiPremier Soccer League.
Ngakolunye uhlangothi, kubhimba uhlelo kwiSpurs eqeqeshwa u-Ernst Middendorp.
Emidlalweni ewu-14 inqobe kwi-Orlando Pirates kuphela, nokuyigcina emsileni we-log ngamaphuzu amathathu kuphela.
NgoLwesithathu, ibihlulwa okwasihlanu kulandelana. Kulesi sibalo idedele amagoli awu-12. Kuyona yonke imidlalo yeligi isingenelwe amagoli awu-30.
ISpurs iziqhathe nenduku ngenxa yokudlala ubugwala. Beyibukeka ingenaqhinga lokudla iSundowns ngaphandle kokuthi igqishe emuva. Lokhu kube nomthelela ongemuhle njengoba abadlali abafana noGaston Sirino, Abubeker Nassir, noMbule bebelokhu bengqongoze njalo ebhokisini layo. Akumangazanga ukubona uMbule noKekana bashaya amagoli esikhathini esifushane.
Nakuba kungekho into etheni kodwa kwesesibili iSpurs izamile ukudlala kwasho khona ukuthi izitha zinamandla. Uze waphela umdlalo iSpurs ingalikhahlelelanga ipali. U-Onyango ubefana nobesibukeli.
NgoLwesibili, iSundowns izolibhekisa e-Egypt ukuyobhekana nePyramids koweChampions League. Oweligi izoze iwudlale ngoDisemba 24, neCape Town City.
ISpurs izovakashela AmaZulu ngoDisemba 22, eMoses Mabhida Stadium.