IZINKULUNGWANE zabalandeli abangenanhliziyo, ezizobe zigcwele enkundleni ukuyokweseka i-Esperance Sportive de Tunis kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weCaf Champions League, yisona isikhuthazi esidingwa yiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku, eStade Olympic Hammadi Agrebi, eTunisia.
Lokhu kushiwo nguThapelo Morena odlala izindawo eziningi kwiSundowns ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba eliseTunisia laleli qembu laseChloorkop.
Angakungabazi uMorena ukuthi abalandeli, abazobe bebuthene kule nkundla emumatha 60 000, bazowazama wonke amaqhinga abawaziyo ukwenzela iSundowns umsebenzi ube nzima ngenhloso yokusiza i-Esperance.
UMorena akafihli ukuthi yize kunzima kodwa abalandeli baseTunisia yibona athanda ukudlala phambi kwabo kunabo bonke abasenhla ne-Afrika.
Lo mdlali, obekwiSundowns ngesikhathi idla iChampions League ngo-2016, ukholelwa ekutheni ezakhe zingaziphungulela umsebenzi ngokubuya nomphumela oncomekayo ngaphambi kowomlenze wesibili ekhaya ngoLwesihlanu oluzayo.
“Yebo, umdlalo uzobe unzima kodwa engingakungabazi ukuthi abalandeli be-Esperance bazobe bephume ngobuningi babo, kukhala isigubhu kuphinde kundize nomlilo emoyeni,” kusho uMorena.
“Eqinisweni angisakwazi ukulinda ngoba ukudlala eTunisia yikhona engikuthokozela ukuwedlula wonke amanye amazwe asenhla ne-Afrika ngenxa yabalandeli bakhona nabakwenza ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.
“SiyiSundowns konke okuzobe kwenzeka kuzobe kungekusha kithina. Okusemqoka ukuhlala kwesikuhlelile bese siqedela kahle umsebenzi ekhaya.
“Akukona okokuqala ngidlala eTunisia. Ngiyazi ukuthi yini esiyobhekana nayo. Ngingakusho ngingafihli ukuthi abalandeli baseTunisia bangcono kunabo bonke esengike ngadlala phambi kwabo,” kuqhuba lo mdlali.
Okunye uMorena akubalule njengenduku yeSundowns wukuthi i-Esperance idlala into efanayo neqembu lesizwe laseTunisia.
IBafana Bafana ibiseqoqweni elilodwa neTunisia kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) osekungumlando ukuthi leli qembu lesizwe, obekukhona kulona uMorena, libuye nendondo yethusi.
“Ngoba vele isitayela sokudlala siyafana, nakanjani bazozama ukusiphuthuma umdlalo usaqala ngenhloso yokunyomfa izinhlelo zethu.
“Sikuhlelele lokho. Sifike ngoLwesithathu (eTunisia), okuzitolika ngokuthi asijimanga kangako ngaphandle kokuzigxisha ngolwazi esiluthola kuma-video abo emidlalo edlule,” kuphetha uMorena.