Polokwane City (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 2
IMAMELODI Sundowns iqhubekile nokuwaqwaqwada emakhanda amaqembu adlala kwiDStv Premiership ngesikhathi inqoba kwiPolokwane City emdlalweni obungoLwesithathu ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Le wini bekungeyesithupha kulandelana kule sizini kwiSundowns esesicongweni kwi-log futhi esishaye amagoli angu-13 yangenelwa amabili kuphela.
Lo mphumela omuhle kwezikaRhulani Mokwena bekungoka-30 kulandelana kwiligi kwazise induku zigcine ukuyithola ngoSepthemba nyakenye ivela kwiSuperSport United.
Zombili iziwombe zivulwe, uLucas Ribeiro, ngamagoli okube iphenathi kwesokuqala nelesibili alishaye zisanda kubuya ekhefini.
ISundowns iqede lo mdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu, kukaLebohang Maboe, obesanda kungena ngemizuzu yokugcina yomdlalo.
Imizuzu yokuqala eyishumi ikhombise ukuthi iCity izoba ingozi uma iya phambili ngejubane kodwa nakompetha beligi ubungozi bebusobala kusukela umdlalo uqala.
Ngoka-12, uRibeiro ushaye igoli lakhe lesithathu lesizini kade kuyiphenathi edalwe ukuba namatata kwezitobha zeCity.
Le phenathi idaleke kulandela ingcwenga yokuphaselana edlalwe iSundowns kwagcina ngokuthi kudlaliswe kabi, uMarcelo Allende, ebhokisini.
Emuva kwaleli goli iSundowns ibisizicanasela ebholeni obekudalwa ukuyeka kweqembu lasekhaya ukuhlasela ngenhloso yokugwema ukuthi iSundowns ingawandisi umonakalo.
Yize kunjalo bezilokhu ziyikhumbuze njalo iSundowns, ezikaLehlohonolo Seema, ongomunye wabaqeqeshi beCity ukuthi ziyingozi kangakanani uma ziya phambili ngejubane.
Umdlalo uze waya ekhefini kulokhu kuyiSundowns ebukeka ingashaya elesibili kunokuthi iqembu lasekhaya lilinganise.
Kube into efanayo esiwombeni sesibili kuba iSundowns eyandisa amagoli ngomzuzu ka-50 ngonyawo lukaRibeiro kade kuyikhona.
Okuqapheleke ngaleli goli ukuthi iCity ibinenkinga yokuvikela unozinti wayo, uLindokuhle Mathebula, kumakhona nakuma-freekick obekuvalwa amehlo njalo uma iSundowns iwathola.
Kubuye, uMosa Lebusa, ekulimaleni kulo mdlalo kwaphinde kwabonakala noBathusi Aubaas, esiwombeni sesibili.
UMaboe ohlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala ngesizini edlule, ube nebhadi wathola ikhadi elibomvu esanda kungena yize kungekho akwenzile obekubukeka kulifanele.