MTHOKOZISI MNCUSENI
UKUNGENA bagxile emakethe yabadlali okwenziwe yizimbangi zeMamelodi Sundowns, kuphoqe umqeqeshi wayo uRhulani Mokwena, ukuba abuyise abadlali abathathu. Sekuphele iminyaka leli qembu libolekisa ngalaba badlali emaqenjini ahlukene kwiDStv Premiership.
UMokwena ozovikela isicoco seligi, ubenengxoxo nethimba labezindaba leSundowns, lapho ebegeqa amagula ngezinhlelo zesizini entsha abayiqala neSekhukhune United kusasa ngo-7.30, ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UMokwena wenabe ngakulindele kule sizini ezoqala. Kucacile ukuthi ukuqinisa kwamaqembu awabona njengezimbangi abale kuwona i-Orlando Pirates, SuperSport United, Moroka Swallows, Cape Town City, neKaizer Chiefs, kunomthelela ekuthatheni kwabo izinqumo ngoDevine Lunga, Jody February noSammy Seabi.
ULunga waseZimbabwe, ufike kwiSundowns ngo-2021 esuka kwiLamontville Golden Arrows, wasayina inkontileka yeminyaka emihlanu. Emibili yayo uyigijime kwi-Arrows ebimboleke kwiSundowns. UMokwena umbalile lo mdlali kulabo angeke abadedele kulokhu ngoba isizini ikhombisa izimpawu zokuqina.
Ohlwini lwabadlali azobalanda uMokwena, ulifakile negama likaFebruary obethembisa kwi-Ajax Cape Town. Wasayina kwiSundowns ngo-2019 kodwa akakaze ayidlalele nakanye ngaphandle kokubolekiswa kwiCape Umoya, Moroka Swallows nakuMaZulu FC muva nje.
Omunye wababaliwe nguSeabi, okuthe bangamsayinisa ngo-2019 esuka kwiPolokwane City, wayidlalela amahlandla amathathu iSundowns ngaphambi kokumbolekisa kwiSwallows, Chippa United amahlandla amabili neSekhukhune.
“Indlela amaqembu asijahayo aqinise ngayo emakethe yabadlali ikukhombisa kucace ukuthi isizini ezoqala izobanzima, ngakho-ke kumele siqine macala wonke,” kuchaza uMokwena.
“Amaqembu abhekwe ukuba abalwe embangweni wesicoco (Pirates, SuperSport, Swallows, City, Chiefs naMaZulu FC) aqinise ngohlobo lwabadlali beqophelo eliphezulu.
“Akufihliwe ukuthi wonke amaqembu abhukula nje, inhloso yawo ukugudluza thina. Yingakho nathi singazange sisonge izandla kepha saqinisa ngabadlali esicabanga ukuthi bazosisiza ngezindlela eziningi ezinkingeni esizobhekana nazo kule sizini.
“Abadlali abanjengoDevine (Lunga), Jody (February) noSammy (Seabi) bazokuba yingxenye yesikwati kule sizini okwenze kube sengathi sinabadlali abaningi abasha.
“Ukubuya ekulimaleni okunzima kukaLebohang (Maboe) noRivaldo (Coetzee) nakho kuyasiqinisa ngandlela thize ngoba bayafana nabadlali (abasha) abazokwengeza phezu kukaJunior (Mendieta), Lucas (Ribiero) noLesiba (Nku). Osekusicacele ngabo ukuthi sithole abadlali abazongena khaxa esitayeleni sethu,” kusonga uMokwena.