PHAKATHI kweStellenbosch FC, neSekhukhune United kukhona iqembu elizoqopha umlando ngokwengeza isibalo samaqembu asedlale kowamanqamu eNedbank Cup.
Lokhu kungenxa yokuthi kula maqembu azoshukana eDanie Craven, eKapa namuhla ngo-6 ebusuku, alikho eselike ladlala kowamanqamu.
Yize kunjalo kodwa iStellenbosch ingagaba ngamava omqeqeshi wayo, uSteve Barker, okuzoba ngokwesibili edlala kowamanqamu alo mqhudelwano ohamba nezigidi.
UBarker udlalile kowamanqamu ngo-2009 ecija i-University of Pretoria kodwa wakhala ngaphansi kwiMoroka Swallows.
Esikwatini saMaTuks, uBarker wayegabe ngesikwati esicebile nesabonakala ngokushiya sivale ngehlahla emaqenjini ayeyibamba kwiPremiership waze yayogcwalelwa umgodi kowamanqamu.
EzikaBarker ezazidlala kwi-1st Division, zadlula kwiJomo Cosmos, eyayingontanga yazo ngaleyo sizini, ngaphambi kokulandelisa ngeKaizer Chiefs, Bloemfontein Celtic ne-Ajax Cape Town.
Umehluko wukuthi uBarker, yize enendathane yamava kodwa ushaya ngesikwati esiwantulayo njengoba ebophele injejane yodwa edle ngokugijima nokulangazelela impumelelo.
“Kumnandi ukuthi sidlale ekhaya, ikakhulu ngendlela nabalandeli bethu abaphuma ngayo nobuningi babo kamuva nje,” kusho uBarker kwisupersport.com.
Nokho-ke, ifomu ka-Iqraam Rayners, ongalibheki ipali kusuka bemlande kwiSuperSport United ngoJanuwari, ixukuza umqondo wanoma yiziphi izimbangi.
ISekhukhune igabe ngefomu enhle kusuka kufike uBrandon Truter, kwazise ngaphansi kwakhe abakaze bayithole induku kwiChiefs nakwiPirates abebebanga komunye umdlalo wsemi-final izolo.
Eqinisweni nangaphambi kukaTruter, bephekwa nguKaitano Tembo, abazange bahlulwe yilawa maqembu.
Lokho kubenze balungiselela umdlalo wanamuhla bengenalo itwetwe lokuthi ngubani abangase bavikisane naye kowamanqamu.
Phezu kwalokhu, isikwati seSekhukhune sishaya ngenkindlane yamava emidlalo nemiqhudelwano emikhulu kubadllali baso asebegijime kaningi kulo mqhudelwano besadlalela amanye amaqembu.
“Yileyo nduku esinayo emqubeni njengamanje, ukuba nabadlali asebedlale kaningi kulesi sigaba (semifinal). Lawo mava ngeke uwathenge ndawo, amqoka kakhulu kulo mdlalo esiya kuwo neStellies, esishaya ngabadlali abasebancane abazobe beqala ukuba kulesi sigaba,” kusho uTruter.
“Abadlali abafana no(Daniel) Cardoso, (Sibusiso) Vilakazi - bayasazi lesi sigaba futhi banqobe nezicoco emazingeni aphezulu namaqembu amakhulu abebe kuwo. Yibo abazoba ngabaphathi bomcimbi.”
Nakhona ebhentshini, uTruter uzokleza amaqhinga afanele lomqhudelwano kubantu abanjengo Morgan Gould, ongomunye wabasizi bakhe.
UGould, obeyisitobha seBafana Bafana iminyaka, iNedbank Cup ngesinye sezicoco aziqukule izikhawu esadlala kwiChiefs nakwiSuperSport.