ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uMosa Lebusa, siyikhumbuze sakuyiklolodela i-Orlando Pirates, ukuthi bazonqwamana koweDStv Premiership begabe ngoPeter Shalulile, osanda kululama.
ULebusa uchaze lo mgadli njengongaxhamazelisa noma yiluphi udonga lwasemuva olukhona kwiPremier Soccer League (PSL).
Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ebesihlelwe yiSundowns ezovakashela iPirates namuhla ngo-7.30 ebusuku, koweligi e-Orlando Stadium.
UShalulile uqale le sizini ngokuqhulula amagoli kodwa wathinteka, okwenze weqiwa eminye imidlalo yize iSundowns, ibikhombisa izimpawu zokuthi ayimdingi kangako ngenxa yokunqoba kwayo.
Emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto edlule, iSundowns ewunqobe ngo 4-0 ishaya iBurundi, lo mgadli waseNamibia, usuke ebhentshini washaya igoli lesine okuyilona elishayela isipikili sokugcina.
ULebusa ukhombise injabulo ngesikhathi ebuzwa ukuthi akhula kangakanani amathuba abo okubuya namaphuzu agcwele e-Orlando Stadium, njengoba sekubuye umshayimagoli ohamba phambili kwi-PSL kumasizini amathathu adlule.
“Kuyisibusiso kithina ukuya emdlalweni walolu hlobo kukhona uShalulile phakathi kwethu ngoba lokho kukodwa kusiqinisa idolo ngokuthi sizolithola igoli,” kusho uLebusa.
“Ngokwami, uShalulile angaxhamazelisa nanoma yiluphi udonga lwasemuva eligini ngakho-ke ukuba nesikhali esifana naleso kusibeka endaweni engcono.
“Bonke abadlali bamqoka kwiSundowns kodwa kuba lula nakumqeqeshi uma bonke beyimiqemane ngokwanele ukuthi bangayiqala imidlalo.
“Sijabule ngokuya kulo mdlalo noShalulile ngoba sonke siyamazi ukuthi uphilela ukufaka ibhola enethini ngakho-ke uma elitholile ithuba, angingabazi ukuthi uzobe ezama lokhu ahlale ekwenza ngenhloso yokubeka iSundowns ebuhleni,” kuphetha lesi sitobha esesimnkantshubomvu kwi-PSL.
ISundowns izofika kulo mdlalo ihambela phezulu ngoba iyiqale ngomphumela oncomekayo iChampions League kanti iBucs isazikhotha amanxeba ngemva kokushaywa yiJwaneng Galaxy yaseBotswana, emqhudelwaneni ofanayo ngempelasonto edlule.
Kusukela iPirates iqale isizini entsha ngenduku yeStellenbosch FC, ayikaze ishawe kanti inqobe emibili yacazelana ngamaphuzu kowodwa.
Kumasizini adlule iSundowns ibizidlela amahlanga kwiPirates, okufakazelwa ukuthi eZimnyama azikaze ziwaqoqe amaphuzu agcwele koweligi uma zibhekene neDowns emidlalweni yeligi eyisithupha edlule ilandelana.
Lokhu (kuzichanasela kweSundowns kwiPirates), kugcine ukwenzeka ngoFebhuwari nonyaka ezikaRhulani Mokwena, zishayela ezikaJose Riveiro, ekhaya ngegoli likaCassius Mailula, osedlalela iqembu lase-United States of America (USA).
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla- Ngo-7.30pm: TS Galaxy v Cape Town City (Mbombela Stadium); Orlando Pirates v Mamelodi Sundowns (Orlando Stadium); SuperSport United v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium).