ISILOMO somdlali uBernard Parker oseyibamba kwiTS Galaxy, sigonyuluke ngokuthi sihambe kwiKaizer Chiefs ebisifana nekhaya laso singakakulindeli ukuhlukana nayo.
Ngasekupheleni kwesizini edlule, iChiefs ifake igama likaParker kubadlali abazophelelwa umsebenzi eNaturena ngemuva kokungayivuseleli inkontileka yalo mdlalo obesehlale kuyona iminyaka ewu-11.
Esikhathini uParker (36) asihlale kwiChiefs unqobe isicoco seligi ngo-2012-13 nango-2014-15, eseNedbank Cup ngeka-2013 neseMTN8 ngo-2015.
Kweka-2013-14, uphinde wanqoba eseLesley Manyathela Golden Boot.
Engxoxweni uParker abe nayo neSolezwe, uveze ukuthi nakuba ejabule kwiGalaxy kodwa kwamphatha kabi ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe kwiChiefs.
"Angisho ukuthi bekumele ngifele kwiChiefs. Ukuhlangana kuhlukwane yinto yasebholeni. Kodwa okwami neChiefs kuyinto ehlukile, bese ifana nekhaya lami lesibili. Ngiwulo muntu engiwuye ngenxa yayo. Mina nomndeni wami siphila kamnandi ngenxa yayo. Ngikholelwa ekutheni ngesizini edlule bengiyilwelile indawo yami,“ kusho uParker.
“Ubufakazi balokhu isibalo semidlalo engiyidlalile. Iqiniso lithi bengingathanda ukugaxa amakhokho emgibeni ngidlala kuyo. Akusenani ngoba nalapha kwiGalaxy bangiphethe kahle ngendlela eyisimanga. Siyahloniphana sonke, akuyi ngokuthi uwubani. Ngibonga kakhulu kusihlalo (uTim Sukazi) ngokunginika ithuba. Ngizoqhubeka nokusebenza ngokuzimisela," kubeka uParker.
Ngo-Okthoba, uParker ubhekane okokuqala neChiefs bedlala koweligi. Kulo mdlalo owaphela ngo-2-2, waba ngomunye owashayela iGalaxy igoli. Walinamathisela enethini maqede wangajabula.
Ebuzwa ngalokhu uthe: “Ngaphambi kwalo mdlalo nganginemizwa exubene. Ngangijabule kodwa futhi nginovalo. Kwakubuhlungu ukuthi ngizobhekana neChiefs ebisifana nekhaya lami. Ngenxa yale mizwa exubene, kusele amahora ambalwa kuqale umdlalo ngaphathwa isisu, ngilokhu ngigqigqe endlini encane. Yingakho ngaqala ebhentshini. Ukungajabuli kwami ngesikhathi ngishaya igoli kwakuwuphawu lokuhlonipha nokubonga iChiefs. Ngiyilokhu engiyikho ngenxa yayo.”
Namhlanje iThe Rockets ecijwa uSead Ramovic, izobhekana neRoyal AM, ngo-7.30 ebusuku, eChatsworth Stadium.
Ngempelasonto, ishaye iMaritzburg United ngo-2-1.
Amaphuzu ewathole kwiMaritzburg ayinyusele endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu awu-16, emidlalweni ewu-14.
IRoyal AM ishaywe yiCape Town City ngawo u-2-1 kowayo umdlalo wokusonga u-2022.