USHONE esebuyele ejimini unozinti ogcine ukudlala kwiSuperSport United, uGeorge Chigova, okwavela ezinyangeni ezedlule ukuthi uyalelwe ngodokotela ukuthi aliyeke ibhola ngenxa yenhliziyo.
UChigova (32) waseZimbabwe, ushone izolo ekuseni emuva kokuquleka esendlini yakhe eMidrand, eGoli. Ubengasenalo iqembu kulandela ukuhlukana kwakhe neSuperSport ekupheleni kwesizini edlule. Isolezwe lathola ukuthi bahlukana kulandela imiyalelo yodokotela yokuthi angazihlanganisi nezemidlalo zesigaba esiphezulu ngenxa yenhliziyo.
ISuperSport ayikaze iphumele obala ngenkinga kaChigova kodwa kuhlale obala ukuthi unenkinga ngesikhathi isayinisa omunye unozinti phezu kwakhe. Amatsatsantsa a Pitori abuyise uWashington Arubi ogawulwe yizembe neMarumo Gallants ngesizini edlule.
Nakuba uChigova ubengasenalo iqembu kodwa kuthiwa ubuyile wazoziqeqesha neSuperSport kusukela ngenyanga edlule.
“Nathi siqeda kutshelwa khona manje indaba yokushona kwakhe. Kunzima. Ubekade esebuyile eseziqeqesha neqembu,” kusho umthombo ongaphakathi kwiSuperSport izolo.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023, umqeqeshi weSuperSport uGavin Hunt, akafunanga ukudalula okuningi ngenkinga kaChigova ngesikhathi ebuzwa ngayo besekhempini eThekwini.
“Angikatshelwa ngokuphelele ukuthi yini inkinga. Angiyena udokotela. Kodwa ngiyazi ukuthi kunenkinga esizama ukuyilungisa okwamanje. Sizokwazi okungenani esikhathini esiyisonto. Uzohlala amasonto amane engenzi lutho. Sizobona emuva kwalokho kodwa akubukeki kukuhle. Sizomeseka ngayo yonke indlela," waphendula kanje uHunt besekhempini ngaphambi kokuqala kwesizini.
ISuperSport ikhiphe isitatimende ilila ngokushona kukaChigova oyibambe naseqenjini lesizwe laseZimbabwe.
“Siyadabuka ukuthola ngokushona kobengumdlali weSuperSport United, uGeorge Chigova. UGeorge udlale amahlandla amabili eqenjini. Usijoyine ngo-2014 esuka kwiDynamos yaseZimbabwe. Ubuye kwiSuperSport ngo-2020 esesuka kwiPolokwane City. Nakuba edlale imidlalo eyisikhombisa kodwa ubengunozinti obebanga indawo futhi ejima noRonwen Williams, Ricardo Goss noBoalefa Pule.
“Udlalele izwe lakhe iZimbabwe amahlandla angu-12. Nakuba isikhathi sakhe kuSuperSport siphele ngoJuni, 2023, kodwa ubefika njalo ejimini ezovakasha nasenkundleni ezokweseka iqembu. Sidlulisa ukudabuka emndenini wakhe nabangani eNingizimu Afrika naseZimbabwe ngalesi sikhathi esinzima nesibuhlungu,” kusho isitatimende seSuperSport.
UChigova ushona nje, kusadlule isonto indima kanobhutshuzwayo kuleli kade ikhalela obengumdlali waMaZulu FC, uBongi Ntuli, ofihlwe ngesonto eledlule. UNtuli naye washiya abaningi beshaqekile ngokushona kwakhe njengoba eshone ngemuva kokugula isikhasha, kwavela ukuthi ubephethwe umdlavuva.
Kwabadlulise ukukhala ngokudlula emhlabeni kukaChigova kukhona owayevimbela iBloemfontein Celtic, uPatrick Tignyemb nowayenguzakwabo kwiPolokwane, uSiphesihle Nzimande.
UChigova ushona nje, i-Afrika isalila ngokudlula emhlabeni komgadli waseGhana, uRaphael Dwamena, oquleke enkundleni ngempelasonto edlule. UDwamena ushone ngesikhathi ezakhe iKF Egnatia yase-Albania ibhekene nePartizani. UDwamena kuvele ukuthi ubesetshelwe kaningi emaqenjini adlale kuyena ukuthi unenkinga yenhliziyo.
EZimbabwe, sikhulu isililo ngokushona komqeqeshi, uRahman Gumbo, obeqeqesha iMorupule Wanderers yaseBotswana. Imibiko iveza ukuthi uGumbo uquleke esendaweni abehlala kuyona, waphuthunyiswa esibhedlela kodwa washona. Lokhu kwenzeke kusaphele izinsuku ezimbalwa exoshwe yiWanderers.