UKUQHATHWA kweKaizer Chiefs, ne-Orlando Pirates kuma-semifinal eNedbank Cup kuqhwage izihloko zezemidlalo isonto lonke. Kepha okusolimini wukuthi, ngabe umdlalo weSekhukhune United weDStv Premiership, ungazibuyisela iziMpofana kwamhlaba?
Lo mdlalo unamuhla ngo-3 ntambama ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Inhlese yokuthi ungase uyibuyisele ezweni labaphilayo iChiefs, wukuthi emlenzeni wokuqala weligi ngoJanuwari, ikhale ngaphansi ngo 1-0 eqenjini laseLimpopo.
Mhlawumbe okuhle ukuthi abadlali beChiefs abakulibele lokho okwabehlela bephoxeka phambi kwabalandeli babo ngoba yayidlalela ekhaya.
“ISekhukhune yiqembu elinzima ukudlala nalo,” kuvuma unozinti wokuqina waMakhosi, uBrandon Pietersen.
“Sibuzwe kahle ubungozi babo emdlalweni womlenze wokuqala kanti beza kulo mdlalo beshayela phezulu ngenxa yokuhanjelwa kahle yizinto nakowomkhumulajezi. Akubuzwa ukuthi sizolindela umdlalo onzima kodwa nginethemba elikhulu kozakwethu ukuthi bazozinikela.”
Isonto lonke kukhulunywa ngokuqhathwa kweChiefs nePirates emdlaweni ozoba ngoMeyi 6, eFNB Stadium, nayo iSekhukhune ingene igulukudela kumasemi final eNedbank.
ISekhukhune siqhathwe neStellenbosch FC kulesi sigaba kanti umdlalo wabo ungoMeyi 7.
Ngaphandle-ke komphumela womlenze wokuqala phakathi kweSekhukhune neChiefs, nokuba kuma-semifinal kwawo, kunenkulumo ethinta womabili amaqembu.
Le nkulumo, iyimpi yamazwi phakathi komqondisi webhola kwiChiefs, uKaizer Motaung Jnr. nowayengumdlali weqembu, uDaniel Cardoso.
Indaba iqale ngokuthi uCardoso acashunwe ethi iChiefs inenqwaba yabadlali abasebancane abangakabi namava okuyibuyisela ezinsukwini zenjabulo.
Kube useyinyathele emsileni kuMotaung, okhwele wadilika kuye, esekhuluma emsakazweni iRadio2000, emsola ngokwenzela phansi abalandeli iminyaka eyisikhombisa ayihlale eNaturena, futhi edlala njalo.
UCardoso, oke waba yisethenjwa samaphenathi nomunye wokaputeni kwiChiefs ufike kuleliya qembu ngo-2015 washiya ngo-2022.
Umbuzo uthi ngabe ozakwabo bazozinikela ekumlekeleleni aphendule uMotaung ngenduku, ngesikhathi esifanayo baqinise amathuba abo okuqeda kwi-Top8?