Royal AM (1) 2
Marumo Gallants (1) 2
I-ROYAL AM iphunyuke emlonyeni wengwenya iphuma nephuzu seliyoshona kwiMarumo Gallants koweDStv Premiership eChatsworth Stadium, ngeSonto ntambama.
Amagoli eRoyal AM ashaywe nguLesvin Stoffels noRichardo Nascimento esiwombeni ngasinye. AweGallants abekwe enethini nguNdabayithethwa Ndlondlo noJunior Dion ngokwehlulkana kweziwombe.
IThwihli-Thwahla ebingosokhaya, ingene enkundleni ibheke ukuqeda ukhondolo lokwehlulwa kwazise kade isiyehlulwe kabili imidlalo ilandena. Ikhale ngaphansi kwiStellenbosch nakwi-Orlando Pirates maphakathi ngesonto eledlule. IGallants kade izozama iwini yokuqala yesizini ka-2022/2023. Ingene enkundleni isayishaye kanye inethi.
Ukuphunyuka kwaleli qembu laseThekwini, akubuzwa ukuthi kuzonika intuba yokuphefumula ithimba labaqeqeshi elibunjwe nguDan Malesela, Abram Nteo noKhabo Zondo, eselinengcindezi kwazise kukhulu okubhekwe kulona. Ukungenami kumnikazi weqembu, uShawn Mkhize bekubhalwe emehlweni emuva kokuthi ezakhe zehlulwe yiPirates ngesonto eledlule.
Ngemuva komdlalo, uMalesela uyithintile eyengcindezi yokwenza okungcono kungangesizini edlule.
“Nakanjani kumele sinyuse izinga kunalokhu okwenziwe yiqembu ngesizini edlule. Uma kungenjalo kuzofana nokuthi sihlulekile,” kusho uMalesela kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
Umdlalo wangeSonto uqale uphethwe yiGallants, izama izintuba esiswini nasodongeni lwasemuva lwe-AM. Nokho ithuba lokuqala lomdlalo liwele uPhila Mzila oshaye ibhola laphuma phezu kwepali likade ligotshwe nguThabo Matlaba kwesokunxele.
Ngomzuzu ka-11, unozinti uXolani Ngcobo utakule i-AM evimba ishodi likaDion omphendule phakathi ebhokisini. Nokho emuva kwemizuzu emine, usale enkemile ngesikhathi uNdlondlo eyigwaza ngobhozo engaphandle kwebhokisi, yakhala ezintanjeni.
Emuva kwegoli, lizamile ukubuya iqembu lasekhaya kodwa ubengafuni lutho unozinti weGallants, uWashington Arubi. Nokho ligcine lingenile elikaStoffels ngomzuzu ka-45.
Esiwombeni sesibili, iGallants ibuye yaqhubeka nokuhlasela. Ngomzuzu ka-52, uDion ungqofele phakathi ibhola eligotshwe nguCelimpilo Ngema kwesokunxele. Emuva kwegoli, iRoyal AM iphinde yazama ukubuya kodwa belungafuni udonga lwasemuva lweGallants.
Ngomzuzu ka-82, umgadli uMxolisi Macuphu uhlulwe wukungqofela phakathi ibhola engamakiwe ebhokisini, wathwala izandla ekhanda umqeqeshi uMalesela. Lo mqeqeshi ujabulile okwengane ngesikhathi uNascimento ebashayela igoli lokulinganisa ngesikhathi esengeziwe. Inyamazane ivuswe nguMfundo Thikazi.
Emdlalweni olandelayo, iRoyal AM izokwamukela iMaritzburg United koweligi eChatsworth Stadium ngoLwesithathu ebusuku. NgoMgqibelo izokwamukela i-Orlando Pirates koweMTN 8.