Royal AM (1) 2
AmaZulu (0) 0
ZILOKHU ziqhubekile nokubhimba izinto kumqeqeshi waMaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, ophinde wahluleka ukusiza leli qembu ekunqobeni libhekene neRoyal AM kowomkhaya baKwaZulu-Natal kwiDStv Pemiership, ngeSonto eChatsworth Stadium.
Kulo mdlalo uSuthu lushaywe ngo-2-0. Igoli lokuqala leThwihli Thwahla lingqofwe ngekhanda nguMotebang Sera kade kuyi-free kick ebigotshwe wu-Elias Pelembe ngomzuzu ka-12. Elesibili, lishaywe wuMxolisi Macuphu ngoka-85 kade egotshelwe ibhola nguMenzi Masuku.
Bekuwumdlalo wesikhombisa uFolz esebhentshini loSuthu. Kulesi sibalo semidlalo, unqobe owodwa kuphela ashaye kuwo iStellenbosch ngo-1-0 ngo-Okthoba. Kweminingi udlale ngokulingana.
UFolz uqashwe kulo msebenzi ngemuva kokuxoshwa kukaBrandon Truter ngoba esehluleka wukuwinisa iqembu.
Lulokhu lulahla amaphuzu, uSuthu futhi lwehlile nakwi-log.
EzikaFolz ziye kulo mdlalo ziphuma ekudlaleni ngokulingana neSekhukhune United. NeRoyal AM beyiphuma ekudlaleni ngendlela efanayo neTS Galaxy.
IRoyal AM inqoba kuMaZulu nje, nakuyo bese kuphele emihlanu yagcina ukunqoba.
Kulo mdlalo womabili amaqembu enze ushintsho lwabadlali abahlanu ezikwatini abedlala ngazo emidlalweni edlule.
Kucace zisuka ukuthi iRoyal AM ifuna ukuwunqoba umdlalo. Uqala ngakho kodwa kusize unozinti woSuthu, uVeli Mothwa, isitobha seqembu lasekhaya, uRicardo Nascimento sithi silingqofela enethini. Ohlangothini lwesokudla ubengazibekile phansi uTebogo Potsane obebambisene kahle no-Elias Pelembe obeyiphela endlebeni kubadlali baMaZulu.
Kulesi siwombe abadlali baMaZulu bebengazi ukuthi liyaphuma noma liyashona. Abadlali abafana noGabadinho Mhango bekungathi kabekho enkundleni. Umuntu obezama nguHenrick Ekstein obehlanganisa amaphasi amahle esiswini, kusho khona ukuthi akalekelelwa muntu.
Ngoka-35, ukaputeni woSuthu, uMakhehleni Makhaula ubethi uyishiya phakathi kwasiza unozinti weThwihli Thwahla, uPatrick Nyame. UFolz ebona ukuthi kuyonakala, esiwombeni sesibili ubuye noLehlohonolo Majoro noThabo Qalinge. Ukhiphe uMhango noRally Balwa, naye obefana nongekho kwesokuqala. Lolu shintsho lusize imizuzu embalwa uSuthu luhlasela. Kodwa iRoyal AM ibuye yaziqoqa.
Maphakathi nalesi siwombe kuke kwasuka umsindo umsizi kanompempe, u-Athenkosi Ndongeni ethi yigoli ibhola ebelishaywe wuSera. Lo mgadli ukhahlele inguzunga yeshodi eshaye ipali maqede ibhola langaweqa umugqa. Ngemuva kokukhala kwabadlali boSuthu unompempe, uChristopher Kistoor, ugcine ethe akulona igoli.
Ngemuva kokuthi uMacuphu eseshaye elesibili, ozakwabo ikakhukukazi uMfundo Thikazi bese beshaya izitayela. Abalandeli beThwihi Thwahla bese begcona abaMaZulu ngomqeqeshi wabo bethu “uyafohloza uFohloza”.
NgoLwesihlanu uSuthu, olusendaweni ka-12, luzokwamukela iKaizer Chiefs, eMoses Mabhida Stadium. IRoyal AM esendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-20, izobhekana neMaritzburg United komunye womkhaya ngeSonto, eHarry Gwala Stadium.