Marumo Gallants (0) 0
SuperSport United (0) 0
IMARUMO Gallants iyeke ithuba lokuziqhelelanisa kakhulu nezembe ngesikhathi igoduka nephuzu esikhundleni samathathu ibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku ePeter Mokaba Stadium.
Izivakashi zifike kulo mdlalo zinesifiso sokubuyela embangweni wendawo yesibili kulandela ukunqoba kwazo kwi-TS Galaxy ngaphambi kwemidlalo yeNedbank Cup.
Neqembu lasekhaya liqale umdlalo likholelwa ekutheni lizoqhubeka nemiphumela yalo emihle yakamuva elisuse emsileni muva nje lahlala endaweni ephephile.
Ithuba lokuqala elihle litholwe wuRanga Chivaviro, ovuthayo kwiGallants ngomzuzu wesihlanu, kodwa ladlula kancane eceleni kwepali limdlile uRicardo Goss, obesezintini zezivakashi.
IGallants ibingcono ngemizuzu yokuqala engu-45 okufakazelwa ukuthi iSuperSport ibingayi nokuya eduze, kukaWashington Arubi, obevimbele iqembu lasekhaya.
Size sasongwa isiwombe sokuqala kusobala ukuthi iGallants iyona esefomini engcono ngaphandle kwebhola, likaGampani Lungu, alikhahlele lashaya epalini ngasekupheleni kwesiwombe.
Imizuzu yokuqala yesiwombe sesibili ibikhombisa izimpawu zokuthi isazoqhubeka indlala yamathuba acacile kwazise neminyakazo ebibukeka ithembisa nhlangothi zombili, ibigcina ngokungabi yingozi.
Lokhu kuphoqe ukuthi umqeqeshi weSuperSport, uGavin Hunt, akhiphe uJeremy Webber, wafaka uPatrick Maswanganyi okulandelwe ukudonswa kukaMonde Mphambaniso, Lesiba Nku noKatlego Otladisa kwiGallants abangenelwe uMahlatse Makudubela, Sibusiso Sibeko noMaselaelo Seanego.
UThapelo Masego ukhishiwe kwiSuperSport kwangena uZakhele Lepasa ngemizuzu yokugcina engu-15.
Lokhu kulandelwe yithuba elihle kuBradley Grobler kodwa lamhlula kulandela umnyakazo omuhle kaLepasa.
ISuperSport ithole iphenathi ethathwe uGrobler oyibhamuze kude namapali ngomzuzu ka-82.
Igoli ligoloze ukungena noma sekufakwe uThamsanqa Gabuza kwiSuperSport. IGallants nayo ifake uLentsie Koapeng ocishe walingqofela enethini ngomzuzu wokugcina kodwa wagezwa uGoss.
Ngaphandle kokuthi iGallants iyeke ithuba lokuziqhelelanisa ngegebe ezembeni, neSuperSport izimfimfisele amathuba okuqeda isizini isendaweni yesibili kwi-log.
IGallants isihleli endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu awu-28 emidlalweni ewu-27. ISuperSport enemidlalo ewu-26 inyukele endaweni yesibili ngamaphuzu awu-44. Ibanga le ndawo ne-Orlando Pirates (43) neKaizer Chiefs (41), abanemidlalo ngempelasonto.