Cape Town City (0) 0
Orlando Pirates (0) 2
IKUTHOLE kunjengoba kunjalo ebikuyele eKapa i-Orlando Pirates ngesikhathi ibuya nawo egcwele amaphuzu eDStv Premiership ngokunqoba kwiCape Town City ngoLwesithathu ntambama, eCape Town Stadium.
Ngaphambi kwalo mdlalo iPirates ikucacisile ukuthi amaphuzu amathathu kuphela ewabheke kulo mdlalo kwazise bebebhekene neqembu elingayazi iwini kulo nyaka.
Ukuthola amaphuzu agcwele emidlalweni esele kubukeka kuyikhona okungase kuyisebenzele iPirates njengoba ilwela ukuqeda endaweni yesibili kwi-log ukuze izifake kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Umdlalo uhambe waze wafika esiwombeni sesibili ngaphambi kokuthi, uTshegofatso Mabasa, ashaye amagoli amabili ambuyisele embangweni wesicathulo segolide kwazise usenawu-13.
Isiwombe sokuqala sidlalwe saze saphela kungacaci ukuthi yiliphi iqembu elikhombisa izimpawu zokunethezeka kangcono emdlalweni.
Bese kuphele imidlalo engu-10 iCity ingayazi iwini ngaphambi komdlalo wayizolo kodwa lokhu akuyenzanga yaqala umdlalo ngomfutho ongcono.
Nakuba iPirates ibiliphethe ibhola kodwa lokhu bekungayisizi ngalutho kwazise ibingeyona ingozi ezintini, zikaDarren Keet, obevimbele iqembu lasekhaya.
Yize beziphoqelekile izinguquko ebezenziwe, uJose Riveiro, esikimini esiqale umdlalo kodwa okucacile ukuthi iPirates ibingahlangene njengale efike kulo mdlalo ishaye amagoli angu-11 emidlalweni yeligi emibili edlule.
UMakhehleni Makhaula noPatrick Maswanganyi abazange bawuqale umdlalo njengoba bobabili bebenesigwebo samakhadi. UMonnapule Saleng akadlalanga ngenxa yokuxinwa wukugula.
Ngaphandle kukaRelebogile Mofokeng, obesukumisa izihlwele njalo uma lifika kuyena akukho okunye okuthusile obekuza nePirates kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Iwukhuphulile umdlalo iPirates kwesesibili nangempela yalithola igoli ngonyawo lukaMabasa kulandela uswidi wephasi kaMofokeng ngomzuzu ka-59.
Njengoba bekulindelekile, iliphaphamisile iCity leli goli obese kwenza nezindimbane zabalandeli ebezihambele umdlalo ziwuthokozele kangcono.
Bekumele alinganise ngomzuzu ka-71, uKhanyisa Mayo kodwa wamqondisela, uSipho Chaine, osebuyile ezintini zeBucs.
Lokhu kulandelwe ukuthi uMofokeng noMabasa baphinde bahlangane nangempela lakhala enethini elesibili ngoka-72.
Ukhishiwe uMabasa indawo yakhe yathathwa u-Evidence Makgopa, obebonakala okokuqala emuva kwesikhathi eside engabonakali ngenxa yokulimala.
Umdlalo uhambe ngaleyo ndlela kwaze kwaba uyawuqeda, uThando Ndzandzeka, obewuphethe.