UZOQALA phansi umuzwa wokubhiyoza kubalandeli be-Orlando Pirates baKwaZulu-Natal ezovakashela iRichards Bay FC kuma-quarterfinal eCarling Black Label Knockout Challenge eThekwini.
EZimnyama, ezisanda kuqukula indebe yeMTN8 kwelikaBhanana emuva kokwehlula iMamelodi Sundowns, zitomule iNatal Rich Boys ngesikhathi kuqhathwa azogadulisana emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano omusha. Akubuzwa ukuthi kuzovuka imibhiyozo kubalandeli bePirates abalobizela ukuthi iqembu labo liwine indebe yesibili kule sizini.
Esewonke amaqembu adlulele kuma-quarterfinal yiPirates, Lamontville Golden Arrows, AmaZulu, Richards Bay, TS Galaxy, Sekhukhune United nePolokwane City. Amaqembu aqede kwi-Top 8 ngesizini edlule, aqhathwe naqede ngezansi kwiDStv Premiership.
Nakuba ebalulekile wonke amaqembu kwiPremiership kodwa ukuphuma kwezinkunzi ezimbili iKaizer Chiefs eshaywe ngaMaZulu neSundowns edliwe yiGalaxy, akubuzwa ukuthi akwehlanga kahle kubaxhasi ngenxa yokuthi zinenqwaba yabalandeli. ICarling Knockout idinga amavoti abalandeli eminxeni ehlukene okukhona kuwona owomdlali wosuku ovelele, ohlomula u-R100 000. Nokho ukusala kwePirates kuzokwenza liqhubeke isasasa leCarling edlalelwa okokuqala kule sizini.
Nakuba wonke amaqembu aseKZN eqede ngaphandle kwe-Top 8 ngesizini edlule, okuholele ekutheni ayizwe ngendaba iMTN8, kodwa amathathu awo adlulele kuma-quarterfinal. AmaZulu adlule kwiChiefs, azogadulisana neLamontville Golden Arrows kuma-quarterfinal. Lokhu kunika iKZN isiqiniseko sokuthi izoba nalo iqembu kowandulela owamanqamu. IBay ikhiphe iMoroka Swallows eyishaye ngo 2-1 kwathi iPolokwane City yabhaxabula iSuperSport United ngo 4-1. Izinsuku nezinkundla zemidlalo kusazomenyezelwa.
Ziqhathwe kanje kuma-quarterfinal eCarling Knockout Challenge:
Polokwane City v Stellenbosch FC
Sekhukhune United v TS Galaxy
Richards Bay FC v Orlando Pirates
AmaZulu v Lamontville Golden Arrows