Orlando Pirates (1) 1
Supersport United (0) 1
I-ORLANDO PIrates izibekisele indawo emidlalweni yeCaf Champions League yangesizini ezayo ibambana neSupersport United emdlalweni wokusonga isizini yeDStv Premiership obudlalelwa e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Ngesikhathi eZimnyama zizifaka kulo mqhudelwano ngembobo yenalithi, kube wusizi lodwa komakhelwane bayo baseSoweto, iKaizer Chiefs eqede isizini ngebohlololo, ithelwa phansi iCape Town Spurs ngo 2-0 eCape Town Stadium.
Amagoli aqede ngeChiefs ashayawe u-Ashley Cupido noMichael Morton. Ukuhlulwa kweChiefs bekungagcini ngikuyiphuca amaphuzu amathathu nje kuphela kodwa kuqinisekise ukuthi ayibalwa kwiTop 8 njengoba igcine iqeda endaweni yeshumi ngamaphuzu awu-36. Lokhu kusho ukuthi leli qembu ebelilokhu libhacazile isizini yonke, ngeke liyibone iMTN8 ngesizini ezayo.
Emdlalweni wePirates yiyona ebone inethi kuqala ngegoli likaTshegofatsa Mabasa ngesiwombe sokuqala, obesekuyigoli lakhe lika-16 kwiPremiership kule sizini neliqinisekise ukwemuka kwakhe neLesley Manyathela Golden Boot.
Elokulinganisa leSupersport lishaywae wuGape Moralo obesuka ebhentshini, ngesiwombe sesibili.
Ukuzibekisela kwePirates indawo kwiChampions League bekuncike emphumeleni weStellenbosch FC neRichards Bay FC obudlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Nebala izinto zagcina zivune yona iPirates ngemuva kokwehlulwa kweStellies ngo 2-1.
IStellies iqede endaweni yesithathu okuyifaka kwiCaf Confederation Cup.
Amanye amaqembu agcine eqede kwiTop 8, iSekhukhune United ethole indawo yesine, nayo ezodlala kwiConfederation Cup ngesizini ezayo.
Indawo yesihlanu ithathwe iCape Town City eqede ngerekhodi leMamelodi Sundowns lokungehlulwa iyehlula ngo 1-0 eLoftus Versfeld. Amanye amaqembu azodlala kwiMTN8 ngesizini ezayo, iTS Galaxy, SuperSport United nePolokwane City.