Lamontiville Golden Arrows (1) 1
Orlando Pirates (1) 2
I-ORLANDO Pirates yandise izinkinga zeLamontville Golden Arrows iyishaya ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, ngeSonto ntambama, eMpumalanga Stadium.
EZimnyama zinqobe ngamagoli okube yiphenathi eshaywe uPatrick Maswanganyi esiwombeni sokuqala nelesibili elibekwe enethini, uKarim Kimvuidi esiwombeni sesibili.
Abafana Bes’thende bathole igoli lokulinganisa nakhona okube yiphenathi ebekwe uNdunduzo Sibiya ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
Amaphuzu amathathu anyusele iPirates endaweni yesithathu kwi-log njengoba isinamaphuzu awu-25 emidlalweni ewu-14.
Iqembu likaJose Riveiro seliqhube imidlalo eyisithupha lingayazi induku
Zagcina ukwehlulwa ngoNovemba 4, ziwashiswa ijezi iRichards Bay kowama-quarterfinal, eCarling Black Label Knockout.
I-Arrows ikweyesikhombisa ngamaphuzu awu-20, emidlalweni eyisibalo esifanayo. Akulihambeli kahle leli qembu eliphekwa uMabhuti Khenyeza njengoba bese lihlulwa okwesithupha kulandelana.
Le miphumela engemihle yenza i-Arrows ilokhu yehla kwi-log njengoba ibisuka endaweni yesibili ngaphambi kokuthi inqola iphume emzileni.
Emdlalweni nePirates ibibuye ikhombise ukwehlisa umfutho nobekuvumela abadlali abafana noNdabayithethwa Ndlondlo ukuthi bachanase esiswini.
Lesi sigqisha somdlali isona ebesiyinjini esiswini siphakela abadlali baphambili.
EzikaKhenyeza azizange ziphele amandla ngemuva kwegoli likaMaswanganyi njengoba nazo zigcine ziyitholile eyazo iphenathi.
Esiwombeni sesibili, eZimnyama zibuye ngamandla. Kungakapheli sikhathi esingakanani uNdlondlo uyeke uqeqekele esebhekane ngqo nonozinti we-Arrows, uSifiso Mlungana.
Kulo mdlalo kubonakale nesilomo somdlali wePirates, uThembinkosi Lorch obebuya ekumisweni yiqembu kulandela ukugwetshwa ngecala lokushaya owayeyintombi yakhe.
Nakuba kungekho okutheni akwenzile kodwa uzivezile ukuthi uwubani. Kuneziwombe aqhamuke kuzo namabhola ayingozi.
Ngaphambi kokuvala unyaka, iPirates izodlala neSuperSport United ngoDisemba 23, ePeter Mokaba.
Izobe seyamukela iStellenbosch ngoDisemba 29, e-Orlando Stadium.
I-Arrows izobhekana neGalaxy ngoDisemba 23, eMpumalanga Stadium. Idlale neSwallows ngoDisemba 30, eDobsonville.