Orlando Pirates(1) 2
Moroka Swallows (0) 0
IQHUBEKILE i-Orlando Pirates nokuphendula omkhaya bayo baseSoweto, iMoroka Swallows, ithofi ibashaya ngo-2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium.
Inqobe ngegoli lika-Evidence Makgopa alishaye ngomzuzu esiwombeni sokuqala. Liqhamuke ngemuva kwebhola elihle eliphaswe uVincent Pule.
Elesibili kube umkhonto ogwaze ekhaya kuSipho Sibiya obesuka ebhentshini ngesiwombe sesibili. Udidwe yibhola eligotshwe uMonnapule Salenga naye ongene esikhundleni sikaPule ngasekupheleni komdlalo.
IPirates inqobe maqede yagudluza zona iZinyoni endaweni yesithupha ngamaphuzu awu-19. Beyinqoba umdlalo wesihlanu kwewu-12 yeligi.
ISwallows, ecijwa uSteve Komphela, yehlikele kweyesikhombisa ngawu-18, esibalweni esifanayo semidlalo.
Bekungokwesishiyagalombili la maqembu etholana phezulu selokhu iSwallows ibuyele esigabeni esikhulu ngesizini ka-2020/21.
Womabili amaqembu aye kulo mdlalo kunokukhononda ngokuhluleka kwawo ukubamba umgqigqo. Ngaphambi koweSwallows, iPirates beyibambane ngeqanda neRichards Bay. IZinyoni bezihlulwe iKaizer Chiefs.
Ngaphambi kwalo mdlalo bezibambane nePolokwane City.
Okungenani iPirates bekumele iye ekhefini ihamba phambili ngamagoli amabili. Bekubhoke abadlali abanjengoRelebohile Mofokeng obeyiphela endlebeni esitobheni seZinyoni, uKeenan Phillips, ogcine ethole ikhadi eliphuzu.
UMofokeng ubebambisene noPule, Patrick Maswanganyi nabanye bephakela uMokgopa.
Okugqamile ukuthi lokhu kucindezela kwenze abadlali basemuva beSwallows baba namaphutha.
Okunye obekuyimbangela yawo ukufuna kweSwallows ukudlala ibhola kusukela kunozinti, uDaniel Akpeyi.
Le ngcindezi idale ukuthi bagcine sebexabana bodwa abafana bakaKomphela.
Alikho ibhola elitheni elidlalwe yiSwallows ebeliyingozi kunozinti weZimnyama, uMelusi Buthelezi.
Kwesesibili izamile ukushoshela phambili iSwallows, kubhoke uMtshali obeyihlanganisa kamnandi ebambisene noTshediso Patjie noTlakusani Mthethwa. Le minyakazo ivalwe ukungena kukaSaleng othinte ibhola okokuqala kwaqhuma igoli lesibili.
Nakulesi siwombe eZimnyama bekumele zithole amagoli amabili kuya kwamathathu kodwa zagcina zibambelele kuwona lawa amabili.
NgoMgqibelo zizoqhubeka nomkhankaso wokuthola amaphuzu aphelele uma sezibhekene neTS Galaxy.
IZinyoni zizoze zidlale neSuperSport United ngoDisemba 15, eDobsonville Stadium.