AmaZulu (0) 0
Orlando Pirates (0) 0
AYIKHO evume ukugoba uphondo phakathi kwaMaZulu FC ne-Orlando Pirates baze baphetha ngokucazelana amaphuzu bebambana ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Lo mdlalo awufikanga ezingeni ebelilindelwe kwazise ubumiswa njalo ngenxa yokulimala kwabadlali.
Lo mphumela uchaza ukuthi Usuthu seludlale imidlalo emihlanu yeligi lungahlulwa ekhaya kule sizini selokhu lwagcina luthelwe phansi yiPirates emdlalweni wokugcina ngesizini edlule.
Iqembu lasekhaya lenze izinguquko ezintathu kuleli elinqobe iChiefs kowomkhumulajezi ngempelasonto. UWayde Jooste, Junior Dion noMlondi Mbanjwa bavale izikhala zikaThembela Sikhakhane, Celimpilo Ngema noTshepang Moremi.
Izivakashi nazo zishintshe abathathu kuleli eliqale zinqoba iSpurs. UMelusi Buthelezi uqale okokuqala evala isikhathi sikaSipho Chaine olimele, uThabiso Monyane noSephelo Baloni bangena ezindaweni zikaBandile Shandu noMiguel Timm.
IPirates isheshe yahlangana ingena ingena kulandelana ebhokisini loSuthu, kulamule izitobha nonozinti amanzi esengena endlini.
UTaariq Fielies woSuthu uze walimala ngomzuzu ka-20 kwadingeka ukuthi akhishwe, indawo yakhe yathathwa nguVekuyeke Zulu. Lo mdlali wenze iphutha esanda kungena elahla ibhola ebhokisini, watakulwa nguMbongeni Gumede.
Kuthe Usuthu seluqala ukuhlasela ngasekupheleni kwesiwombe laphinde labhekwa yisambane kulimala uZulu, kwafakwa uSikhakhane.
Maphakathi nesiwombe sesibili umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, wenze izinguquko ezimbili, efaka uNdabakayithethwa Ndlondlo noKarim Kimvuidi ezikhaleni zikaBaloni noKermit Erasmus ezama ukushintsha umdlalo.
Lokhu okuholele ekutheni ezikaMagebhula kube yizona ezicindezela kakhulu kodwa kungekho okuhlupha unozinti woSuthu uVeli Mothwa.
U-Evidence Makgopa bekufanele ajabulise abalandeli beZimnyama ngemuva kokuthola ibhola elihle ebeligotshwe nguKimvuidi ngakwesokunxele ngomzuzu ka-76 kodwa walingqomfela eceleni engaphazanyiswanga muntu.
Kube yithuba lakhe lokugcina njengoba ekhishiwe ngemva kwalokho, indawo yathathwa nguZakhele Lepasa.
UButhelezi obefana nesibukeli emapalini ePirates uke wasebenza ngomzuzu ka-77, evimba ishodi ebelidedelwe nguRiaan Hanamub engaphandle kwebhokisi.
Umqeqeshi woSuthu, uPablo Franco Martin, uzamile ukuvuselela iqembu lakhe sekusele imizuzu engu-10 umdlalo uphele ngokufaka uGeorge Maluleka noMoremi, ekhipha uHendrick Ekstein noJunior Dion.
Ishwa lokulinyalelwa ngumdlali livelele iPirates ngomzuzu ka-85 ngesikhathi nayo kudingeka ikhiphe umdlali ebisanda kumfaka, uNdlondlo, kwangena uMiguel Timm.
Ngasekugcineni izivakashi bezikhombisa ukulifuna igoli kodwa zihluleke sezifikile ebhokisini abadlali abafana noMonnapule Saleng noPatrick Maswanganyi behluleka ukuliqondisa epalini ibhola, umdlalo waphela ngo 0-0.
AmaZulu anyukele endaweni ka-10 ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye, iPirates yayohlala endaweni ka-13 ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni eyisithupha.
Usuthu seluzobhekana neChippa United koweligi olandelayo ozodlalelwa eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ntambama, ezikaMagebhula zizozwana amandla nePolokwane City e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.