I-ORLANDO Pirates izihola phambili emaqenjini agaqele uKatlego Otladisa ogawulwe yizembe kwiDStv Premiership neMarumo Gallants emasontweni adlule.
EZimnyama zisonge isizini ka-2022/2023 ngokuphakamisa indebe yeNedbank Cup ngempelasonto edlule. Zisemkhankasweni wokuqinisa iqembu ngaphambi kokuyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
IPirates ithole leli thuba ngenxa yokuqeda endaweni yesibili kwi-log yePremiership. Leli phephanda lihoshe ukuthi ifuna uthuli u-Otladisa (26) odlala ezinhlangothini, ongomunye wabadlali abasize iGallants yafinyelela kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup kulo nyaka.
Amanye amaqembu okuthiwa agaqele lo mdlali yiSekhukhune United eyodlala kwiConfederation Cup ngesizini ezayo neRoyal AM.
"IPirates iyamfuna u-Otladisa futhi isivumile ukuthi izomthenga kwazise usanenkontileka neMarumo. Kodwa akuyona yodwa emfunayo, akhona namanye amaqembu asevezile ukuthi ayamfuna. Nokho kubukeka kuzowina iPirates. Konke kulindeleke ukuthi kuphethwe njengoba kuphela isonto," kusho umthombo.
U-Otladisa uzakhele igama ebholeni laseMzansi ngesizini ka-2017/2018, eyibamba kwiPlatinum Stars ngaphambi kokuhlwithwa yiMamelodi Sundowns ngesikhathi somqeqeshi uPitso Mosimane.
Uthwale kanzima ukuthola indawo esikimini seSundowns. Ubolekiswe emaqenjini ahlukene okuyiStars, Cape Umoya ne-Ajax Cape Town. Ngesizini ka-2020/2021, u-Otladisa owaziwayo ngejubane nomjiko ubengenalo iqembu. Ucoshwe yiGallants ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022.
Imenenja ka-Otladisa, uNimrod Mbhalati, yenqabile ukuphawula ngendaba yePirates kodwa yakuqinisekisa ukuthi akhona amaqembu ePremiership amfunayo lo mdlali futhi bayaxoxa nawo.
Uma egcina esayinile kweZimnyama u-Otladisa, uzobanga indawo noThembinkosi Lorch, Monnapule Saleng, Vincent Pule noDeon Hotto kwazise ukwazi ukudlala kuzona zombili izinhlangothi. Ngaphezu kwalokho, angahlangana noNdabayithethwa Ndlondlo noMiguel Timm adlale nabo ngokuzwana kwiGallants.
Izolo, isikhulu sePirates, uStanley "Screamer" Shabalala, sicele ukubuye sithintwe sikhala ngokubheda kwe-network lapho kade sithubeleza khona.
U-Otladisa ubalwa nabadlali beGallants abazoyishiya njengoba isiyehlele kwiMotsepe Foundation Championship. Kuvele imibiko ethi bonke abanezinkontileka banqunyelwe ugwayi katiki ukuthi bacacise ngabakufisayo ingakapheli inyanga.