NHLANHLA SITHOLE noMALIBONGWE MDLETSHE
LUPHUKE kwi-Orlando Pirates udondolo ebihlupha ngalo iDondol Stars ngesikhathi yehlulwa ngo 5-4, sekukhahlelwa amaphenathi kuma-quarterfinal eNedbank Cup ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane izolo ebusuku.
Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 wamagoli kaThembinkosi Lorch noTebogo Makungo, angene elandelana ngomzuzu ka-55 noka-57.
Ibikhona inhlansi yokuthi iPirates izodlula kalula kwiDondol kodwa futhi nethambo lobunzima belikhona kwazise leli qembu eliya emidlalweni yokuhlungela ukukhushulelwa kwiMotsepe Foundation Championship, bese lidlule kwiSuperSport United nakuMaZulu FC.
Kulo mdlalo kuyiwe ekhefini zibambene ngengqukuqa yeqanda nhlangothi zombili, ingekho efuna ukugoba uphondo.
Ilishaye kuqala iPirates igoli ngegoli likaLorch aliphakelwe nguKermit Erasmus.
Ngomzuzu ka-57 uMakungo, ungqofele phakathi ibhola ebelikade lisuka ekhoneni, kwaba ngu 1-1.
Yilapho ibhentshi leZimnyama elibone khona ingozi yokuphindwa ngokugile iSuperSport United naMaZulu, yabe isikhipha uThabang Monare endaweni yakhe kwangena uFortune Makaringa.
Baphinde bashintsha u-Innocent Maela ngoBandile Shandu.
Emuva kwalolu shintsho Ezimnyama zibonakale zihlasela ngamandla kwaba nezinguzunga ezidedelwa ziphume okungenani phezu kwamapali.
Ngesikhathi sekubhekwe ukuthi unompempe uzowuqeda umdlalo esikhathi semizuzu engu-90, uShandu ungqubuzane ngamakhanda nomdlali weStars kwacima izibani.
Kudingeke umiswe umdlalo eminye imizuzu emine.
Emuva kokuba sesidlulile lesi siqubu, abadlali abebelimele bathola usizo lokuqala, uqhubekile umdlalo nokho kwadlulelwa esikhathini esengeziwe.
EyeSuperSport naMaZulu kulo mdlalo ingena ngokuthi iDondol ingene ePeter Mokaba ijaha irekhodi lokuqhubeka nokukhipha inkunzi yesithathu futhi ehlonishwayo esigabeni sePremiership, ekubeni yona idlala esigabeni sesithathu sama-amesha..
Ivele ibisiliphethe irekhodi lokwenza lokhu kweyokuqala emibili ngaMatsatsantsa noSuthu.
Nebala, iPirates bayithathe bayifaka kumaphenathi.