Orlando Pirates 1-0 AmaZulu FC
IZAKHAMUZI zaKwaZulu-Natal zilusonge kabuhlungu usuku lwayizolo, AmaZulu ehluleka ukuqeda ishibolo leminyaka lokushweba izinkomishi, eshaywa i-Orlando Pirates ngo-1-0 kowamanqamu eMTN8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ezimnyama zinqobe ngegoli likaMonnapule Saleng alishaye ngomzuzu ka-25 kade kuyifreekick eyehlule uVeli Mothwa iqhamuka ngasohlangothini lwesokudla.
Kuyiwe kulo mdlalo emakhulu amathemba okuthi luzokwazi ukuqeda ishobolo leminyaka ewu-30 lwagcina ukuphakamisa inkomishi.
Bekwethenjwa nokuthi njengoba ngeledlule bekunomcimbi weSilo kule nkundla mhlawumbe kuzoba nesibusiso lunqobe uSuthu.
Naso iSilo samabandla besikhona kulo mdlalo sihambisana noJacob Zuma oke waba ngumengameli waseNingizumu Afrika.
Kusukela lo mqhudelwano wasungulwa kuhlanganisa noma sewuxhaswe yiMTN, Ezimnyama seziwunqobe ka-21.
Zijaha iKaizer Chiefs esiwunqobe kawu-15. IPirates iye kulo mdlalo iphuma ekushayweni yizimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo-1-0. Bekuyinkomishi yokuqala kaJose Riveiro selokhu ejoyine iPirates ekuqaleni kwesizini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwale sizini umphathi waMaZulu, uSandile Zungu, ukuvezile ukuthi ufuna noma yinkomishi eyodwa kule sizini. Uveze nokuthi ufuna ukubuyela emiqhudelwaneni yeCaf.
Esiwombeni sokuqala kugqame ukwenza amaphutha ebadlalini baMaZulu, ibhola bebelilahla kalula.
Lokhu kudale ukuthi abadlali abafana noSaleng bazenzele ikakhulukazi ohlangothini lwesokudla.
Bekungaqondakali noma amaZulu abesindwa ngabalandeli abebegcwele phama eMoses Mabhida Stadium.
Ukutatazela kwabafana bakaRomain Folz kuholele ekutheni badale ifree kick ngomzuzu ka-24. .
Mhlawumbe ukube akacucuzanga uGeorge Maluleka esebhekene noRichard Ofori ongunozinti weZimnyama ngasekupheleni kwesiwombe sesibili ngabe kushintshiwe kwakhulunywa enye indaba.
Kulesi siwombe womabili amaqembu abe nebhadi elinyalelwa yizitobha zawo ezigcine ziphumile. Kuqale uNkosinathi Sibisi weZimnyama kwase kulandela uRamahlwe Mphahlele, ogquzulwe ngu-Ofori.
Esiwombeni sesibili Usuthu luzamile ukuziqoqa, seluhlasela luphungwa nezithebe.
Ngomzuzu ka-65 uLehlohonolo Majoro waMaZulu obesuka ebhentshini ube nebhadi ethi ulingqofela enethini lashaya ipali. Sewuzophela umdlalo bese kugqame uqina thambo kubonakala ukuthi imimoya seyinyukile ikakhulukazi kubadlali bamaqembu womabili.
Ngasekupheleni komdlalo u-Ofori wenze omkhulu umsebenzi evimba abadlali bamaZulu. Omunye omdlali osebenzile u-Olisah Nda wazo eZimnyama.