Chippa United (1) 1
Orlando Pirates (1) 1
I-ORLANDO Pirates ibuyiselwe kwamhlaba yiChippa United iyikhiphisa amaphuzu agcwele emgodleni emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoLwesibili ebusuku.
EZimnyama zibekwe phambili nguBandile Shandu esiwombeni sokuqala, elokulinganisa leChippa libekwe enethini ngumdlali emboleke kwiPirates, uGoodman Mosele kwesesibili.
IPirates ingene enkundleni neChippa ishayela phezulu kwazise ibikade isiqhulule amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni emibili yakamuva. Ngempelasonto edlule inenebule iSekhukhune United ngo 5-0 koweMTN8. Ngaphambi kwalokho, ixebule iRoyal AM ngo 4-2 koweligi.
Nokho amathe abuyele kwasifuba ngesikhathi iphendukelwa esiswini njengotshwala yiChilli Boys eqhubeke nerekhodi layo lokungehlulwa kule sizini. Ukubanjwa yiChippa kwePirates kusho ukuthi isizobhekana neDjabal yaseComoros emqhudelwaneni iCaf Champions League ngoMgqibelo, usuphazamisekile umgqingqo wayo.
EGqeberha, iPirates iyona eqale umdlalo idlala ibhola ngokukhululeka. Kodwa iChippa ibiwavalile amazibuko, ingafuni ukungenelwa yigoli zibekwa. IPirates iqhubekile nokukhombisa ukuthi ayizimisele ngokulinda imizuzu ngesikhathi uNdabakayithethwa Ndlondlo edonsa ishodi engaphandle kwebhokisi kodwa walichithela ngaphandle unozinti weChippa uStanley Nwabali ngowesikhombisa.
Emuva kwalokho, eZimnyama bezilokhu ziwulawula umdlalo kodwa zehluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lweChilli Boys. Lugcine lubhidlikile ubumba ngomzuzu ka-24, ngesikhathi uShandu eqobela phakathi ibhola eligotshwe nguRelebohile Mofokeng kwesokudla.
Esiwombeni sesibili, iChippa ibuye yashintsha abadlali abathathu emizameni yokuthola igoli lokulinganisa. Kwabangenile kukhona uLuvuyo Memela noCraig Martin abadlalile kweZimnyama. Nokho iPirates ibilokhu iqhubekile nokufaka ingcindezi. Izinto zishintshe ngomzuzu ka-65, ngesikhathi uMosele eshayela iChippa igoli lokulinganisa. IPirates isinamaphuzu amane emuva kwemidlalo emithathu yePremiership. IChippa isidlale ngokulingana yomithathu imidlalo kule sizini. Ngempelasonto, iChilli Boys izobuyela insimini ukuyobhekana neMamelodi Sundowns koweligi.