Orlando Pirates (0) 1
Sekhukhune United (0) 0
I-ORLANDO Pirates ibuyise isithunzi ngesikhathi esikahle ngokunqoba kwiSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Le wini ibidingeka kwiPirates ukuze isuke endaweni engahloniphekile ebihleli kuyona, kanti ibimqoka ukuze iye kowabakhaya neKaizer Chiefs inokuzethemba kwazise imiphumela yakamuva ayimihle neze.
Kudlalwe kwaze kwasala imizuzu engu-10 ukuthi umdlalo uphele kwaba ima uThabiso Monyane ushayela iPirates igoli, yaqoqa amaphuzu agcwele ngaphambi kokubhekana neKaizer Chiefs kowabakhaya baseSoweto, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium.
Lo bekungumdlalo wePirates wesishiyagalombili ezinsukwini ezingu-18 ezedlule emiqhudelwaneni eyahlukene okungenye yezinto ebilokhu ivela njengehawu ezinkulumweni zomqeqeshi, uJose Riveiro, njengoba ibiphikwa imiphumela muva nje.
Nangempela akazange abonakale, uBrendon Truter, ebhentshini lezivakashi, uMcDonald Makhubedu, uyena obehola iqembu.
Kuthiwa uTruter ukhonjwe indlela ngempelasonto edlule, kulandela ukugqoza kwemiphumela kweyeligi kuleli qembu eligxamalaze nakwiCaf Confederation Cup elizoqala eyamaqoqo kuyona neRS Berkane yaseMorocco ngasekupheleni kwephezulu.
Ngasekuqaleni komdlalo bezilokhu zithengana kungekho mathuba atheni avela nhlangothi zombili.
Ngokuhamba kwesiwombe kube sengathi iPirates iyalikhuphula igiya yakha amathuba amagoli.
Lokhu bekungasho ukuthi iPirates kufanele iphole emuva ngoba iSekhukhune ibiqhamuka neyayo iminyakazo kusho khona ukuthi kunokuxhamazela kubagadli bayo uma sekufanele balibeke enethini.
Esikhundleni sokubuya ngomfutho esiwombeni sesibili, womabili kube sengathi abeyaleziwe ukuthi ehlise igiya.
Bobabili abaqeqeshi, bashintshe abadlali baphambili ngomzuzu ka-70 ngenhloso yokufaka umjovo emdlalweni obulokhu uya ngokuya ubohla.
Omunye wabadlali abebesanda kungena, uRelebogile Mofokeng, wakhele uMonyane igoli elibeke iPirates ebuhleni ngomuzu ka-79.
Umdlalo uphathwe iPirates kwaze kwaba uyaphela ngaphandle kwamaphutha angatheni enziwe unozinti wePirates, uMelusi Buthelezi, ngasekupheleni komdlalo.
Imiphumela yeDStv Premiership:
Cape Town City 2-1 Chippa United; Royal AM 1-0 Golden Arrows; Stellenbosch 2-1 Richards Bay.