Orlando Pirates (3) 7
Golden Arrows (0) 1
I-ORLANDO Pirates izidlele amahlanga kwiLamontville Golden Arrows ngesikhathi iyinenebula ngembudlu emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
La maphuzu amathathu kufanele wukuthi bawajabulele abalandeli bePirates kwazise iqembu labo bese libajabhisile emidlalweni emibili edlule lilahla amaphuzu. Libuye ekhefini leFifa ngokuguqiswa iSekhukhune United ngo 2-1, lase libanjwa yiMoroka Swallows ngo 1-1.
Emdlalweni wangoMgqibelo amagoli amabili angene elandelana esiwombeni sokuqala, kaTshegofatso Mabasa noRelebogile Mofokeng, iwona avule inkundla kulo mdlalo oshise zisuka.
UKabelo Dlamini ushayele iPirates elesithathu kwathi uMabasa washaya elakhe lesibili obese kungelesine ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Kube ikhanda, likaSandile Mthethwa, elishaya elesihlanu ngaphambi kokuthi, uLungelo Nguse, ashayele i-Arrows elokubika kanti usazobuya uMabasa nelesithupha. Ivalwe, uKarim Kimvuidi, ngelesikhombisa umdlalo usuyophela.
Kube iphutha, likanozinti uS’fiso Mlungwana, eliphe iPirates igoli lokuvula inkundla ngonyawo lukaMabasa oqedele ibhola ebelichotshwe ilo nozinti ngomzuzu ka-11.
Leli goli liyinike izimpiko iPirates ngesikhathi esifanayo lafaka amatata ngendlela ethusayo kwabe-Arrows.
UMofokeng uyandisele izinkinga i-Arrows eshaya igoli lesibili alivalele phakathi esegingqe konke obekuphambi kwakhe ngomzuzu ka-14.
Arrows ithole amathuba amabili amahle kusengu 2-0 kodwa abahlula, uNduduzo Sibiya noKagiso Malinga, ngaphambi kokuthi uDlamini ashayele iPirates elesithathu ngomzuzu ka-32.
Ukhishiwe esiwombeni sokuqala uMalinga indawo yakhe yathathwa, uNguse, obesefakelwa ukuzodambisa umonakalo.
IPirates ithole iphenathi ngomzuzu wokugcina esiwombeni sokuqala kodwa uMabasa wayibeka ezandleni kuMlungwana obekuyiphutha lakhe ukudaleka kwayo (iphenathi).
Uyilungisile uMabasa indaba yephenathi eshaya phakathi elesine leBucs zisanda kubuya ekhefini. Lokhu kukhulule iPirates ukuba yenze izinguquko kwaze kwavela nethuba, kuSiyabonga Mpontshane, endaweni, kaSipho Chaine, obeselimele.
Obekunika ithemba ukuthi i-Arrows ibingayeki ukuzama kwazise ibilokhu ifikile kuMponstahane yize ibingeyona ingozi.
Elempama lishaywe uMthethwa ongqofele phakathi igoli engamakwe muntu ngomzuzu ka-75 kwadlula umzuzu owodwa uNguse washaya elokubika ekhaya laBafana Bes’thende.
Kuthe kusenjalo uMabasa washaya elakhe lesithathu obese kungelesithupha leqembu lasekhaya. Inkundla ivalwe uKimvuidi obesanda kungena.