UMQEQESHI we-Orlando Pirates esigabeni seDStv Diski Challenge, uJoseph "Dukuduku" Makhanya, uyacophelela ukuthi angajabuli ngokweqile njengoba ezakhe ziqhubeka nokuvulela isibhaxu.
I-Pirates ikhombise umfutho ofana nalowo evale ngawo u-2022 ngokwehlula iChippa United ngempelasonto edlule. Umphumela uyisizile ekutheni inciphise igebe lamaphuzu phakathi kwayo neCape Town City eseqhulwini kwi-log yeDiski. EZimnyama zinamaphuzu awu-24 emuva kwemidlalo ewu-12. ICity, ekhale ngaphansi ngenkathi ibhekene neTS Galaxy, inamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-12.
UMakhanya uthe kuyingozi ukujabula kakhulu uma izinto zisahamba kahle.
"Ebholeni kuyinkinga ukujabula kakhulu. Uma ujabula kakhulu ugcina usunethezeka. Lokho kuyinkinga. Uma sidlala neqembu elidlala kahle njengathi, sizohluleka ukwenyukela kwelinye izinga. Kusafanele siwine emaqenjini afana neSundowns, City neStellenbosch. Lawo ngamaqembu anzima futhi amaqembu esisawahlulile nabo bayawahlula," kusho uMakhanya.
Ngesizini edlule iPirates ihlale phezulu kwilog isikhathi eside kodwa yagcina ingayiwinanga iligi. Sekuwumlando ukuthi idliwe yiStellenbosch, eyiwine isiyibanga neSuperSport ngosuku lokugcina.
Phezu kokuba iPirates isethubeni lokwenyukela esicongweni se-log ngempelasonto kodwa uMakhanya ukubeke kwacaca ukuthi akasebenzeli ukuhlala eqhulwini kodwa uzama ukwakha iqembu elingathembeli kumdlali oyedwa njengoba kwenzeka ngesizini edlule, lapho lalithwelwe nguBoitumelo Radiopane. Wathi kuyamjabulisa ukuthi abafana sebeqala ukuhlangana futhi sebeyayiqonda indlela afuna badlale ngayo.
NgeSonto ngo-10 ekuseni, iPirates izobhekana neGalaxy eRand Stadium.
"Kuzoliwa. I-TS Galaxy iyayona imicimbi yabantu. Uma ubheka amaqembu ewaphazamisile yilawa aphezulu. Idlale ngokulingana nawo amanye yawahlula. Sizolwa. Sebewine imidlalo emithathu ilandelana. Phakathi kwethu akekho ofuna konakele irekhodi lakhe," kuchaza uMakhanya.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - ngo-10am: Chippa United v Sekhukhune United (Wolfson Stadium); Goldem Arrows v Swallows (Sugar Ray Xulu Stadium);Kaizer Chiefs v AmaZulu (FNB Stadium).
Ngo-12pm: Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants (Lucas Moripe Stadium).
NgeSonto - ngo-10am: Cape Town City v Richards Bay (Malta Park Sports Complex); Orlando Pirates v TS Galaxy (Rand Stadium); SuperSport United v Royal AM (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-12pm: Stellenbosch v Maritzburg United (Idas Valley Sports Ground).