I-SOUTH African Football Players Union (Safpu) iwaphikisa wonke amacala izikhulu zeMoroka Swallows eziwathwese abadlali bayo. Isimo asisihle neze phakathi kwabadlali baleli qembu nezikhulu zalo.
Indaba isuswe ukuhluleka kwazo ukubakhokhela amaholo kaDisemba. Ngokwemibiko, kuthiwa babecele ukuthi bakhokhelwe ngaphambi kukaKhisimusi nokho izikhulu zanqaba. Zathembisa ukubaholela ngoDisemba 30.
Ngenxa yalesi sizathu abadlali bathathe isinqumo sokungalubhadi emsebenzini nokuholele ekutheni izikhulu zeSwallows zazise iPremier Soccer League (PSL) ukuthi iqembu ngeke liye emdlalweni walo neMamelodi Sundowns noweLamontville Golden Arrows obekumelwe idlalwe ngasekupheleni kukaDisemba. Lezi zindaba kazehlanga kahle kwiPSL njengoba ngoLwesine izobizela iSwallows ekomitini eliqondisa ubugwegwe.
Ngakolunye uhlangothi, nezikhulu zaleli qembu seziqome ukuthatha isinqumo sokubizela abadlali balo ekomitini eliqondisa ubugwegwe.
Umengameli weSafpu, uThulaganyo Gaoshubelwe, utshele Isolezwe ukuthi abahambisani namacala amathathu atheswe amalungu abo.
Uthe elokuqala elokuzibandakanya nesiteleka esingekho emthethweni, elokunqaba ukudlala nelokuphula imithetho yeNational Soccer League (NSL).
Lesi sikhulu sithe empeleni amalungu abo bekumele avele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngenxa yokuthi bebesafuna ukwenza olwabo ucwaningo bacele ukuthi lihlale ngoLwesihlanu, okubhekwe kulo.
"Okwamanje asithandi ukwanda ngalolu daba. Sizophawula ngalo uma sekuphume isinqumo sekomiti leSwallows. Engithanda ukukucacisa ukuthi kasihambisani nawo wonke amacala athweswe amalungu ethu, kudlalwa ngawo. Sizobe sikhona ngoLwesihlanu, siwamele. Uma kuthathwa izinqumo ezingahambisani namalungu ethu udaba sizoludlulisela phambili. Uma kuphoqa sizogcina siye kwiPSL DRC (Despute Resolution Chamber). Ngeke sisonge izandla ekubeni kudlalwa ngamalungu ethu," kubeka uGaoshubelwe.
Lesi sikhulu ebesikhuluma neSolezwe izolo, sithe bebengakayitholi imiholo abadlali.
"Esikhundleni sokuthi izikhulu zeSwallows zilungise indaba yamaholo abadlali zimatasa nokufuna ukubajezisa. Akekho umuntu othanda ukusebenza ekubeni angaholi.“
Ngonyaka odlule, leli phephandaba libikile ngoqhekeko obelubikwa phakathi kwabadlali beSwallows. Lokhu kuthiwa kudalwe ukukhokhelwa kwabadlali abathile abanye bashaywa ngesithende ngamaholo kaNovemba. Nangawo uNovemba abadlali beSwallows kwabikwa ukuthi bake bahudula izinyawo kwaphela izinsuku bengalubhadi ejimini ngoba bengaholelwe.