KUBUKEKA isidinga inhlanhla engaziwa iMaritzburg United, ebhekene ngqo nezembe emehlweni. Kumnyama kubomvu, iwadinga ephelele amaphuzu emdlalweni weDstv Premiership ngoLwesithathu neMarumo Gallants.
IMaritzburg ebivele inotaku lokubalekela izembe isingene ntshi, yavela ngongiyane obhukwini ngemva kokushaywa kwayo yiSwallows FC ngo 1-0 ngoLwesine, eDobsonville Stadium, eSoweto.
Iqembu laseMphithi lisayibambe emsileni we-log yePremiership ngamaphuzu awu-25, emidlalweni ewu-27. Lisalelwe yimidlalo emithathu.
Yomithathu imidlalo ibukeka inzima ngoba izodlala neGallants (ekhaya), iStellenbosch FC (ekhaya), neMamelodi Sundowns (ekuhambeni), okungamaqembu asefomini.
Yize kubukeka inyanda seyemuka nesibopho kodwa umqeqeshi weMaritzburg, uFadlu Davids, uzwakala engakalilahli ithemba.
"Ngeke sililahle manje ithemba ngoba kusasele amaphuzu ayisishigalolunye okumele siwadlalele. Manje sesibanga (ukusuka ezembeni) namaqembu amabili (iGallants neChippa United). Kumele sishaye iMarumo Gallants ukuze sithole amaphuzu amathathu bese silingana nayo. Ngemuva kwalokho siyobe sesilwa kule midlalo ezobe seyisele," kuchaza uDavids.
Umqeqeqshi ukhombisa ukuba nethemba lokuthi ucilo angazishaya endukwini. "Ngiyabazwela abadlali ngoba benza konke okusemandleni kodwa uma izinto zingakuvumi, vele kubanjalo. Kodwa akumele bese sizithela ngabandayo ngenxa yalokho. Kumele siqhubeke silwe. Kumele siye emdlalweni olandelayo, nakhona silwe. Uma siqhubeka nokuzimisela, inhlanhla izogcina isivumile nathi. Ngeke kuhlale kunje," kuqhuba uDavids.
ITeam of Choice izobhekana neGallants esefomini kulezi zinsuku, neyenza ezibukwayo emidlalweni yeCaf Confederation Cup, yize isavika izembe.
Bazotholana phezulu ngoLwesithathu ngo-5: 15 ntambama eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Ngesizini ka-2015/2016, leli qembu laseMphithi lalibhekene nesimo esifanayo kodwa laphunyuka emlonyeni wengwenya lishaya iJomo Cosmos ngo 3-1 emdlalweni wokugcina wesizini. Kwaba wukusinda kwalo.