UKUQHUBEKA nokuqoqa amaphuzu ekhaya yikhona okuzobasondeza ekufezeni enye yezinhloso zabo okuwukuphinde baqede kwiTop 8 ngokusho komqeqeshi wePolokwane City, uPhuti Mohafe.
IRise and Shine, eqede endaweni yesishiyagalombili ekupheleni kwesizini edlule, iyiqale kahle isizini ka-2024/25 kwiBetway Premiership.
Isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-11. Inqobe imidlalo eyisithupha, yadlala ngokulingana kwemibili, yahlulwa kwemithathu. Isishaye amagoli angu-11, yangenelwa ayisishiyagalombili.
Ngesizini edlule yayisendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-16 ngemuva kwemidlalo engu-11. Yayisinqobe emine, yadlala ngokulingana kwemine, yakhala ngaphansi kwemithathu. Kuleyo midlalo yayisishaye amagoli angu-10, yangenelwa ayisishiyagalolunye.
Emidlalweni emithathu yakamuva yeligi, yonke eyidlalele ekhaya, iCity ibuye namaphuzu ayisikhombisa. Ibambane neTS Galaxy ngo 1-1, yaguqisa iKaizer Chiefs ngo 2-0 neMarumo Gallants ngo 1-0.
UMohafe uthe kusemqoka ukuthi bangadedeli lutho ekhaya kusakhanya, bese bezama ukwengeza amanye amaphuzu ekuhambeni.
“Kufanele sikusebenzise ngokugcwele ukudlalela ekhaya futhi siyinqobe imidlalo yethu. Laba badlali bafuna ukuvikela irekhodi esalibeka ngesizini edlule. Sizibekele umgomo wokunqoba imidlalo yethu yasekhaya ngoba sifuna ukuqeda kwi-Top 8. Uma sithola amaphuzu angu-45 ekhaya sizokufeza lokho, bese siyabona ukuthi sitholani ekuhambeni,” kusho uMohafe.
“Siyazi ukuthi emidlalweni ethile kumele sibe nesibalo esithile samaphuzu. Manje sesibheke ukuthi sifinyelele emaphuzwini angu-23 emdlalweni wethu olandelayo. Kumele sisebenze kakhulu ekhaya ngoba kwesinye isikhathi uma sidlala ekuhambeni asiyitholi imiphumela esisuke siyibhekile.
“Ngesizini edlule siqede unyaka sinamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-16, ngakho-ke sifuna ukwephula lelo rekhodi kodwa sisadlale imidlalo engaphansi kwalokho kulo nyaka.”
IRise and Shine izodlala owokugcina ka-2024 neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium ngoDisemba 28.
Okuqaphelekayo ngeqembu likaMohafe wukuthi linabadlali abahlukene abalishayela amagoli njengoba uTholo Matuludi, Bulelani Nikani, Sbusiso Tshabalala noSimon Ramabu sebeshaye amabili umdlali ngamunye.
Kule midlalo engu-11 eliyidlalile, alingenelwanga ngamagoli kwemihlanu ngenxa yokuvala kwezitobha kanye nonozinti uManuel Sapunga.
“Ngesizini edlule yayingu-12 imidlalo esingangenelwanga magoli kuyona. Sifuna ukuliphula nalelo rekhodi. Ukungangenisi amagoli kukhuphula ukuzethemba eqenjini. Kusinika isibindi sokuthi wonke amaqembu eza ePeter Mokaba Stadium ayazi ukuthi azophuma engaphethe lutho. Yileyo inhloso yethu,” uqhube kanje uMohafe.
ICity isidlale kabili neqembu elizihola phambili, iMamelodi Sundowns, yayinqoba ngo 1-0 ePolokwane, kodwa yashaywa ngo 2-0 ekuhambeni. Yaxetshulwa yi-Orlando Pirates ngo 3-0 kanti isanda kuqumba phansi iKaizer Chiefs ngo 2-0.