NGOMGQIBELO Septhemba 24, 2022, obekunguSuku lwaMagugu, sibone iNingizimu Afrika ehlukene kabili ezinkundleni ezimbili obekudlalela kuzo amaqembu esizwe.
AmaBhokobhoko neBafana ngamagugu esizwe kwazise anomlando wokuhlanganisa izinkumbi futhi asetshenziswe ngumengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, ukuhlanganisa isizwe siphuma eminyakeni yombuso wobandlululo.
Lapha sikhuluma ngeqembu lesizwe lombhoxo nelikanobhutshuzwayo, okunguwona mdlalo okunenkolelo yokuthi uthandwa futhi ulandelwa yengxenye enkulu yabantu baseNingizimu Afrika.
Kunalokho ubugugu nokuziqhenya ngokweseka iqembu lesizwe bubonakale eKings Park, eThekwini lapho bekudlala khona amaBhokobhoko ne-Argentina koweRugby Championship.
Yebo bekungumdlalo omkhulu kwazise amaBhokobhoko, angompetha bomhlaba, kungenwe empelasontweni esethubeni lokunqoba iRugby Championship okuyisicoco sesibili esikhulu ngemuva kweNdebe yoMhlaba esibangwa ngamaqembu amazwe ombhoxo.
Kodwa ngabe yilokhu kuphela nje okwenze iKings Park, emumatha izibukeli ezingu-52 000 yagcwala phama kwathi inkundla enkulu ukunazo zonke kuleli, iFNB Stadium emumatha abangu-95 000, yasala ikenqeza ngosuku olufanayo?
IBafana yize ingefaniswe namaBhokobhoko kwazise ayikaze ibe ngompetha bomhlaba, ibizidlalela umdlalo wobungani nezwe elinganamlando otheni futhi isaphoxile kwazise iphinde yahluleka wukuzibekisela indawo kwi-2022 Fifa World Cup ezodlalwa eQatar kusuka ngoNovemba 21 kodwa bese kufanele ube mngaka umehluko?
Umbuzo omkhulu kunayo yonke kodwa ngothi ngubani ngempela okumele akhonjwe ngenjumbane ngokungabonwa kwabalandeli emidlalweni yeBafana kwazise nangoLwesibili ebusuku idlala neBotswana kube ngesifanayo?
Impendulo futhi isobala, yiSouth African Football Association (Safa), okuyiyo eyengamele ibhola neqembu lesizwe njengawo wonke amanye kanobhutshuzwayo.
-Singabezindaba akukho miklomelo ngisho yokuwina amathikithi esingafakaza ngayo.
-Akukho ngisho umklomelo wokuwina ijezi oke wabakhona.
-Indlela obekunzima ngayo nokubhala ngalo mdlalo, ngoLwesihlanu isithangami sabezindaba esiwandulelayo sibe ngo-4 ntambama ngokwesimemo.
-Abangazinzile eGoli bathunyelelwe ngo-8.30 ebusuku obekwenzeka kuleso sithangami.
-Akukho nhlobo okwenziwe yiSafa ukumaketha lo mdlalo.
-NgoMgqibelo bekusenezinkumbi ebezibuza kucace ukuthi zididekile uma zizwa eyokuthi ‘iBafana iyadlala’.
Kube kuhle kakhulu ukuthi iBafana nayo inqobe ngembudlu yamagoli amane ukudayisa iSafa ngokuyiyekelela.
Ibhola lifa kuyo iSafa njengoba lifa nakwabanye abaphathi bebhola. Yilokhu okugqamile nasenkulumeni ekhethekile noPhilani Mabaso oseneminyaka eyisishiyagalombili esebenza njengeCaf Media Officer emuva kweyisikhombisa ekwezokuxhumana kuMaZulu FC.
“Abaphathi bebhola basilele emuva kakhulu. Kufanele bavuke bakuqonde ukuthi ibhola manje selinombango oshubile neminye imidlalo nemicimbi.
“Eqhulwini kumele umdlalo webhola uhlelwe ube ngumcimbi ongaphezu kwemizuzu engu-90. Isibonelo yiwo umbhoxo. Imidlalo mayibhulelwe amazolo ngeyamaqembu amancane noma abesifazane. Phakathi nemidlalo kube nabanandisi futhi kuphinde kube nezindawo zokudlala izingane njengama-jumping castle nokudwetshwa kobuso ngopende nezinye izinto ezijatshulelwa izingane, ukuheha imindeni,” kusho uMabaso.
“ISafa nje kumele iyisukumele indaba yokuqasha umhlanganisi wabalandeli ozohamba nabadlali beyohlangana nabalandeli ezinxanxatheleni zezitolo, ezikoleni, ezikhungweni zemfundo ephakeme iphinde ibayise emisakwazweni yabantu.
“Imisakazo yebhola nguKhozi FM neminye yezilimu zesintu. Bangawalibali amaphephandaba afundwa ngabalandeli bebhola njengeSolezwe ngoba yibo labo bantu abasakhokhela amathikithi.
“Le genge egxile kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ayikhokhi futhi ilandela kakhulu ibhola laphesheya. Akulula ukuthi bangashiya ithevishini ezobanika okungenani imidlalo emithathu yaphesheya ngaleyo ntambama eyodwa bebe bezihlalele bezehlisela ngokusabhiya bezosela nenyama nabangani babo,” kusho uMabaso.
UMabaso uke asebenzisane neSafa kanti ubengomunye wabadidiyeli bomdlalo iBanyana Banyana igcwalisa iMoses Mabhida Stadium ngo-Ephreli 2019 ingcweka neJamaica ilungiselela i-2019 Fifa Womens World Cup.
Engxoxweni yakudala no-Andy Calquhoun, owengamele ezokuxhumana kwiSA Rugby, waveza ukuthi amathikithi emidlalo yamaBhokobhoko onyaka nonyaka, bawadayisa kusaqala nokwenza babe nohlelo abalubiza nge-Loyalty Programme, olunika abalandeli izaphulelo uma bethenga ngabaningi nokunye okuhlukile.
Wakucacisa futhi ukuthi okwenza baphumelele kulokhu wukuhleleka kokuhlela imidlalo yeqembu kusenesikhathi nempatho etholwa ngabalandeli nemindeni yabo emidlalweni yombhoxo.
UNovashni Chetty, osophikweni lwezokuxhumana kwiSharks Rugby, uhambe emazwini kaMabaso noColquhoun ngokwenza umdlalo ube yidili elizojabulisa abalandeli ngaphambi nangemuva komdlalo.
UMninawa Ntloko okhulumela iSafa, uthe bayazamukela zonke iziphakamiso futhi bazosebenzela ekutheni okwenzekile kungaphindeki ngokuzayo.
IBafana ephinde yabukwa yisigejana idlala neBotswana ngoLwesibili ebusuku, eFNB Stadium, izoba nemidlalo emqoka yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoMashi ezoyidlala neLiberia kuleli nasekuhambeni.
NgoNovemba umqeqeshi wayo uHugo Broos uhlela ukuthi ibe nekhempu ngezinsuku zeFifa, akukacaci ke ukuthi izoba nayo imidlalo yobungani noma cha.