OWAYENGUMDLALI waMaZulu FC, uSazi Ngubane, ufisa isizukulwane samanje soSuthu siziqophele owaso umlando ngokuwina indebe yeMTN8.
AmaZulu azobhekena ne-Orlando Pirates kowamanqamu weWafa Wafa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Usuthu lwagcina ngo-2010 ukufinyelela kowamanqamu wendebe lukhala ngaphansi kwiBidvest Wits koweNedbank Cup eFNB Stadium. Ukuwina indebe lwagcina ngo-1992 ludla iCoca-Cola Cup lwehlula iKaizer Chiefs ngo 3-1 eFNB Stadium.
UNgubane wayekhona kuleli qembu elalithakwe ngezinsephe okukhona kuzona uShadrack Biemba, George Dearnely, Simon Magagula, Owen Nzimande, Joe Mlaba noTim Nzoyi.
"Ngiyazikhumbula lezo nsuku," kusho uNgubane emamatheka
AmaZulu athola ithuba lokuwina indebe nje, agubha iminyaka engu-90 asungulwa. Kodwa njalo uma kukhulunywa ngempumelelo yawo kubuyelwa eminyakeni eminingi edlule ngenxa yokuthi aluphindanga lwajabulisa abalandeli ngemuva kuka-1992.
"Akungiphathi kahle ukuthi sekuphele iminyaka AmaZulu engayiwini indebe. Kusho ukuthi kukhona obekungenzeki kahle. Enye into ungayibuka ukude kanti kukhona okungaphakathi okungenzeki kahle. Ngicabanga ukuthi yilokho, angazi. Mhlawumbe wukushintshashintsha abaqeqeshi," kusho uNgubane, oseqeqesha iqembu leDiski Challenge leRoyal AM.
Selokhu lushintshe izandla Usuthu, lusuka emndenini wakwaSokhela luwelela kowakwaZungu, kuningi okuhle eselukuzuzile. Ngesizini ka-2020/2021, luqede endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership okokuqala emlandweni walo. Lokhu kuholele ekutheni ludlale emqhudelwaneni iCaf Champions League okokuqala selokhu iqembu lasungulwa.
IMTN8 izonika AmaZulu ithuba lokwengeza omunye umlando egameni lawo.
"Ngibafisela inhlanhla. Uma bengayiwina le ndebe, lokho kuzogqugquzela nabalandeli ngoba bahlala bekhala ngalokho. Bahlala bethi sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 iqembu lingayiwini indebe. Uma benza kahle nami lokho kuyangijabulisa ngoba igama lithi ngangidlalela AmaZulu, ngangidlalela iqembu elibozayo. Leyonto angiyithandi," kusho uNgubane
AmaZulu azibekisele indawo kowamanqamu weMTN8 ngemuva kokukhipha iChiefs. IPirates idlule kwiMamelodi Sundowns ebikade ivikela indebe.