ZAKHELE XABA
INJINI yeLamontville Golden Arrows, uNduduzo "Sulumane" Sibiya, ibalula ukushintsha izindlela njengekhubalo eliyibuyisele esikimini kuleli qembu.
USibiya, oyintandokazi yabalandeli kwi-Arrows, bekubhekwe lukhulu kuyena ngesikhathi enyuselwa esikimini esikhulu eminyakeni edlule. Nokho ugcine enyamalala esikimini esiqala imidlalo. Kusabalale amahlebezi okuthi akasazinikeli ngokwanele futhi usephumile esandleni.
Kule sizini, ngaphansi komqeqeshi uLehlohonolo Seema, uSibiya ukhombisa izimpawu zokubuyela ezingeni aziwa ngalo.
"Kungithathe isikhathi ukukhula njengomdlali. Ukuhamba kweminyaka kungiphoqile ukuthi ngicabange ngenye indlela, ngibheke izinto ngendlela ehlukile. Ngesizini yami yokuqala kwi-Arrows, ngidlale imidlalo engu-28 okuyinto ebengiyiqala. Ngesizini elandelayo ngihlaselwe wukulimala, ngahlala isikhathi eside ekhaya ngingadlali. Uma uhlezi ekhaya, miningi imicabango ekufikelayo," kusho uSibiya.
"Manje ngizitshelile ukuthi angenze lokhu okungisebenzelayo. Bakhona abantu ebengikhuluma nabo bengibonisa. Naseqenjini bebenginakelela, bengikhumbuza ukuthi ngilazi kangakanani ibhola. Ngizitshele ukuthi angilenzele izinto ezinhle iqembu ngoba lilokhu lingigcinile."
USibiya, odle ngomjiko, usekwenze into yakhe ukushaya amagoli uma bebhekene neKaizer Chiefs. Ngesikhathi uSibiya egcina ukuba senkundleni bedlala naMakhosi, washaya igoli lesibili laBafana Bes'thende emdlalweni owaphela ngo-2-2. Umdlalo womlenze wokuqala we-Arrows neChiefs wesizini ka-2021/2022, awudlalanga ngenxa yokudlanga kweCovid-19 ekhempini yaMakhosi.
La maqembu azogadulisana koweDStv Premiership eFNB Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku.
"Siyazi ukuthi bazofika beshayela phezulu emuva kokuwina kwi-Orlando Pirates. Kodwa angiboni bezoba yinkinga kakhulu. Thina kufanele silungise phambili ngoba siyawathola amathuba kodwa siyahluleka ukuwasebenzisa. Lesi yisifo sethu selokhu kuqale isizini. Awakahlangani amaphuzu angu-40 esizibekele ukuwathola," kusho uSibiya.