INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundown, uRhulani Mokwena, ihlambuluka ngefisa kutshaleke kubadlali bayo emva kokubhangqa kwaleli qembu ngesibhaxu amaqembu aseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ezisukwini ezine kwiDStv Premiership nakwiMTN8 ngokwahlukana.
Ompetha beligi amahlandla ayisithupha emva kokuba benqobe ngo 1-0 iPirates, okube yiphenathi kaLucas Ribeiro, koweligi ngoLwesithathu oludlule e-Orlando Stadium.
Ngempelasonto balandelise ngokuqedela umsebenzi kowandulela owamanqamu weMTN8 beshaye iChiefs ngo 2-1 wamagoli amabili, kaPeter Shalulile, ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium.
Kuyona yomibili le midlalo iSundowns inqobile yebo kodwa bekusobala ukuthi ithwele kanzima.
Kungenxa yalokhu uMokwena, obekhuluma nabezindaba ngempelasonto, ezwakalise injabulo ngokungase kuzalwe wukunqoba kwezakhe kula maqembu athathwa njengamakhulu kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.
“Isifiso sami esikhulu wukuthi la mawini atshale okuthile ezinhliziyweni zabadlali ngendlela yokuthi nokwethembana kwabo ezimweni ezinzima ngokwahlukana kwemidlalo kuqhubekele eqophelweni elingcono,” kusho uMokwena.
“Ngiyaqonda ukuthi kwiPirates siqoqe amaphuzu amathathu okuyisibalo esifanayo nakweminye imidlalo nokuthi kwiChiefs sizinike igunya lokuba yingxenye yowamanqamu kodwa ngeke sikuzibe ukuthi kukhulu kangakanani esiphumelele ukukwenza.
“Kusemqoka ukuthi sizishaye isifuba ngala mawini womabili ngoba nasemlandweni, awamaningi amaqembu ayo iSundowns anomlando wokubhangqa ngenduku iPirates neChiefs ezinsukwini ezine,” kusho umqeqeshi.
Usonge ngokuzibongela ngethuba lokuhola iqembu elinabadlali bohlobo lweSundowns.
“Ngiswele imilomo yokuncoma laba badlali enginenhlanhla yokubaqeqesha. I-Sundowns yonkana ibusisiwe ukuba nalaba badlali enabo.”
Ngeke sibe side isikhathi ngaphambi kokuvulela kukaphawini wokuziphindiselela kwiPirates kwazise bazophinda babhekane kowamanqamu weMTN8 ngo-Okthoba 7 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
I-Pirates ishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 kowomlenze wesibili weMTN8 kodwa kwadlula yona ngenxa yokunqoba ngo 2-1 kowomlenze wokuqala ekuhambeni.