OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uBruce Ramokgadi, uqinisa idolo u-Evidence Makgopa olizwa ngendaba ijezi selokhu efike kweZimnyama.
UMakgopa (22) usayine kwiPirates esuka kwiBaroka ekuqaleni kwesizini ka-2022/2022. Bekubhekwe ukuthi uzoba yisixazululo enkingeni yokushaywa kwamagoli kodwa kwalandela imibiko yokuthi ufike elimele.
Nokho emuva kokululama akakasitholi isikimu. Ukusayiniswa komgadli uNdumiso Mabena kubukeka kuzoqhubeza izinkinga zikaMakgopa obonakale okokuqala egqoke ijezi lePirates emqhudelwaneni iCarling Black Label Cup ngenyanga edlule.
URamokgadi uthe kumele abekezele.
"UMakgopa akalinde ithuba lakhe kwiPirates, uzolithola. Akayena umgadli obheda ngaleyo ndlela. Okuhle ngaye wukuthi usemncane. Ngakho akufanele asheshe ukuphelelwa yithemba. Ngokwami ungomunye wabagadli abazoyisiza iPirates ngokuhamba kwesikhathi," kusho uRamokgadi.
KwiPirates, uMakgopa ubanga ijezi noKermit Erasmus, Kwameh Peprah, Bonovou Eva Nga, noMabena. Ezinyangeni ezedlule, umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uzwakalise ukungenami ngoMakgopa phezu kokuba ekade embophela emdlalweni edlule, wathi kuningi okusafanele akufunde njengomgadli.
UBroos ubechaza isizathu esiholele ekutheni amshiye ngaphandle esikwatini ngaphambi kwemidlalo yakamuva. Kungenzeka ukuthi ukushaya into ephansi lokhu yikhona okwenza uMakgopa angasitholi isikimu ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
"IPirates ithathe isinqumo esiphusile ngokubuyisa uMabena. Unesipiliyoni futhi usehlakaniphile manje futhi unomqondo webhola. Akasafani nangeminyaka edlule. Uzokwazi ukubamba ibhola phambili aphasele oKermit. Umqeqeshi kuzofanele amdlalise uMabena uma kubuya imidlalo. Kusobala ukuthi kukhona akubonile kuyena njengoba bemsayinisile," kusho uRamokgadi.
"Ngokwami, uPeprah no-Eva Nga ababona abagadli abafanele ukudlalela iPirates. Balungile bedlala emaqenjini amancane. Manje iPirates idinga abadlali basesiswini ababili abakwazi ukushaya amagoli. Abadlali basesiswini abakhona kwiPirates okwamanje abawashayi amagoli. Yileyo indawo engibona kufanele bayilungise."
IPirates izobuyela enkundleni ngoDisemba 30, isiyobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versfeld Stadium ePitoli.