Nakuba kusasele imidlalo yokusonga amaqoqo e-Euro ka-2024 kodwa amaqembu esizwe amathathu kulawo abhekiwe ukuhamba ibanga elide, asezibekisele indawo kwi-Last 16.
Kumazwe angu-24 abengenele lo mqhudelwano oqhubeka kwelaseGermany, iPoland ibe izwe lokuqala ukusala ngaphandle (ngokwezibalo) kwazise ilahle amaphuzu kuyona yomibili imidlalo yayo yokuqala ka-Group D ewusonga ngokubhekana neFrance kusasa.
IPoland ngeke isizakale ngisho sekubhekwa amazwe amane angcono ngamaphuzu kwazolala isithathu ngokwahlukana kwamaqoqo.
IGermany, Spain nePortugal basheshe bayicaba indlela ebheke kuLast 16 ngokunqoba imidlalo yabo emibili yokuqala ngokuhlukanga kwamaqoqo.
Uma sekuqhubeka imidlalo yesithathu yamaqoqo, indaba enkulu izobe iku-Group E obophele iRomania, Belgium, Slovakia ne-Ukraine bonke ababambene ngamaphuzu amathathu emuva kwemidlalo emibili.
Kuyaqala ukwenzeka lokhu emlandweni we-Euro lapho kusengenzeka khona noma yini kuwona womane amaqembu emuva kwemidlalo yokusonga iqoqo ngoLwesithathu ntambama.
Womane la mazwe asenethuba lokuba kwamabili angadlulela kwi-Last 16 yalo mqhudelwano uma evunywa imiphumela.
IBelgium efike kulo mqhudelwano ithishwe njengelinye lamaqembu esizwe angase adle ubhedu iqale ngenduku eyithole kwiSlovakia kungalindelekile kowokuvula iqoqo.
Kulowo mdlalo kucace ibhadi ebelibhekene namaRed Devils kwazise ibhola abeliphethe lonke futhi iwona afike kaningi ezintini zeSlovakia kodwa yagcina ikhale ngaphansi.
Kwale ngisho isizitshela ukuthi iwatholile amagoli amabili ngonyawo, lukaRomelu Lukaku, kodwa womabili aphikwa iVideo Assistant Referee (VAR).
Izilungisile nokho izinto iBelgium ngokunqoba ngo 2-0 kwiRomania ngoMgqibelo kodwa nakulo mdlalo ibhadi lokuyeka amathuba belisobala. Nakuwona lo mdlalo iVAR iphike igoli likaLukaku. Ezakhe zigcine zinqobe ngamagoli kaYouri Tielemans noKevin De Bruyne.
Ngeke liyisize iBelgium leli bhadi kowokusonga u-Group E ngoLwesithathu kwazise ne-Ukraine abazobhekana nayo ngo 6 ntambama, e-MHP Arena, yazi kahle kamhlophe ukuthi maningi amathuba ayo okudlulela kwi-last 16 uma ingagwema induku.
Komunye umdlalo nawo omqoka kuleli qoqo oweRomania neSlovakia ngesikhathi esifanayo eDeutsche Bank Arena, eFrankfurt. Nakanjani umphumela walo mdlalo uzoba nesandla kokuzokwenzeka kuleli qoqo.
Emidlalweni kaGroup B namuhla, i-Italy enamaphuzu amathathu inethuba lokulandela iSpain emzuliswaneni olandelayo, uma ingazicoshela amaphuzu kwiCroatia. Ingazithola igoduka uma ingahlulwa bese i-Albania ihlula iSpain.
ICroatia eholwa insephe uLuka Modric akuyihambeli kahle kulo mqhudelwano njengoba isathole iphuzu elilodwa. Iqale ngokushaywa iSpain, yabambane ne-Albania kowesili. Isangadlulela phambili uma inqoba i-Italy bese i-Albania ihlulwa.
Imidlalo kaGroup B namuhla imi kanje:
Ngo-9pm: Albania v Spain; Croatia v Italy