Sekhukhune United (1) 1
Kaizer Chiefs (0) 1
KULAMULE umgadli obesuka ebhentshini ngesikhathi iKaizer Chiefs icazelana ngamaphuzu neSekhukhune United emdlalweni wokusonga unyaka weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Inkundla ivulwe u-Elias Mokwana ngegoli esiwombeni sokuqala kwalinganisa, uRanga Chivaviro ngesesibili ngelakhe alishaye ngesinono ededela imbumbulu yeshodi.
Womabili la maqembu awuqale ngomfutho ofanayo umdlalo kodwa obekucaca ukuthi afuna ukuphuthumana ikakhulukazi maphakathi nenkundla.
Ithuba lokuqala elicacile liwele, kumdlali weChiefs u-Ashley Du Preez, ngomzuzu ka-18 kodwa wazama ukuzishayela yena yize bekungavumi ekubeni ebemi yedwa uJasond Gonzalez, endaweni engcono.
Nakuba iChiefs ibizama ukuliqala emuva kodwa obekucaca amaphutha kaSibongiseni Mthethwa, obekhombisa izimpawu zokuba novalo njalo uma emphasela eduze, unozinti uBruce Bvuma, oyisize kaningi iChiefs kulesi siwombe sokuqala.
Lokhu bekudalela iChiefs izinkinga ngoba iSekhukhune ibilimaka kalula ibe ingozi njalo uma iChiefs iliqala emuva.
Kuye ngokuya kwabangcono maphakathi nesiwombe kodwa nakhona ibingaveli iminyakazo ethusayo kwaze kwaba umzuzu ka-42 lapho uMokwana ebeke khona phambili iqembu lasekhaya ngengoli alishaye ngekhanda, yize kubonakale limthole esemhlabeni ongafanele.
IChiefs ibuye esiwombeni sesibili, ngoChristian Saile, ongene endaweni kaGonzalez kodwa lo mgadli waseDemocratic Republic of Congo (DRC) wabingelela abalandeli ngokuyeka ithuba elikhulu lokulinganisa ngomzuzu ka-52.
Iqhubekile iChiefs nokwakha amathuba angcono kodwa obekusobala ukuthi iSekhukhune ibihlala ibuveze ubungozi bayo ikakhulukazi uma iphuma ngejubane.
Ngokubona ukuthi konakele, umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson, ufake uChivaviro olithinte kabili walinganisa ngomzuzu ka-81.
Womabili la maqembu awatholile amathuba okuwaqoqa egcwele amaphuzu ngemizuzu yokugcina kodwa agcina ngokushayana aze abukane.
Kuzoyiwa ekhefini le-Africa Cup of Nations, iChiefs isiqoqe amaphuzu awu-24 emidlalweni ewu-16, ibalwa namaqemb akwi-Top 8. ISekhukhune esengxenyeni engezansi kwi-log inawu-18 emidlalweni ewu-15.