TS Galaxy (1)1
Richards Bay (1)1
IYAKHULA ingcindezi kumqeqeshi weRichards Bay, uKaitano Tembo, ezakhe ezihlulekile ukuqoqa amaphuzu amathathu kwiTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngeSonto ntambama.
IGalaxy ibekwe phambili nguS’phiwe Mahlangu umdlalo usanda kuqala. Nokho ukucishe konke lokho uLangelihle Mhlongo eshayela iBay elokulinganisa maphakathi ngesiwombe sokuqala.
Lo mphumela akubuzwa ukuthi uyayikhulisa ingcindezi kuTembo oqashwe yiBay ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024, emuva kokuxoshwa kwebhentshi lonke eliqede edlule sekubanjwe umoya. Kuze kube yimanje izinto azihlangani kulo mqeqeshi kwazise usawine kanye emidlalweni eyisishiyagalombili yeligi. INatal Rich Boyz isendaweni ka-15 kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisithupha.
Ukwehluleka kukaTembo, oqashwe ethenjiwe kuleli qembu, kungenzeka kuphoqe abaphathi ukuthi bacabange bajule ngekusasa lakhe.
Emdlalweni neGalaxy, iBay ingene enkundleni ibheke ukuthola amaphuzu amathathu ukuze izonyuka kwi-log yePremiership. Nokho izithole icindezelwa yiGalaxy ehlasele zibekwa. Ukucindezela kweGalaxy kusheshe kwathela izithelo ngesikhathi uMahlangu eqobela phakathi ibhola eligotshwe nguHigor Vidal ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile. Emuva kwaleli goli, iBay ivuke yazithatha. Ithole igoli elokulinganisa ngomzuzu ka-27 ngesikhathi uMhlongo ephuca ibhola uMlungisi Mbunjana ebhokisini, elivalela phakathi.
Esiwombeni sesibili, iBay ibuye yacindezela, yahlasela iphindelela kodwa ihluleka uma isifike phambili. Igqemeke engeqiwa ntwala ngesikhathi kulimala isitobha u-Abdi Banda indawo ithathwe nguSibusiso Mthethwa. IBay iqhubekile nokuhlasela kodwa kungayilungeli. Ngomzuzu ka-82, unozinti weGalaxy, uVasilije Kolak, utakule ezakhe evimba ibhola likaSinethemba Mngomezulu esebhekene naye.
IBay izobuyela enkundleni ngoLwesithathu isiyamukela iPolokwane City koweligi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-7.30 ebusuku.