OMUNYE wabaqeqeshi bamaqembu asesifundeni saseMgungundlovu, adlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, ukholwa wukuthi ubumbano emaqenjini lungawalekelela ekukhuphukeleni kwi-1st Division ngesizini ezayo.
USiyabonga ‘Rhoo’ Mdluli, ongumqeqeshi woMkhambathi FC, edlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League, usho kanjena nje, senyukile isibalo samaqembu asesifundeni saseMgungundlovu, adlala kwiMotsepe League njengoba esemathathu.
Isibalo sinyuswe wukukhushulelwa kweSwayimane United esigabeni ngemva kwamaPlay-Off, esifundazweni eSafa Regional League ngasekuqaleni kukaJuni, eDundee.
ISwayimane isijoyine uMkhambathi FC, neMidlands Wanderers, womabili awaseMgungundlovu futhi agijima ngaphansi kweKZN Motsepe League.
Kwanda amaqembu eMgungundlovu nje, elinye ebeligijima kwiDStv Premiership, okuyiMaritzburg United, ligawulwe yizembe. Ngesizini ezayo ka-2023/24 lizogijima esigabeni seMotsepe Championship.
Lokhu kusho ukuqonga kwengcindezi emaqenjini amathathu aseMgungundlovu, yokuthi elinye lawo kumele lilwele ukukhuphukela kwiMotsepe Championship, ngokuphela kwesizini ezayo.
“Ukwanda kwamaqembu adlala kwiMotsepe League lapha eMgungundlovu, kukhombisa ukuthi ithalente sinalo kule ndawo. Umsebenzi esiwenzayo njengamamanje wukulipholisha ngendlela efanele ithalente singabaqeqeshi, ukuze sikwazi ukuba nabadlali abazokwazi ukuthatha amaqembu akulesi sifunda, bawabeke esigabeni esiphezulu. Siphinde sikwazi nokukhiqiza abanye abadlali abasezingeni lo-Old John Mabizela, nabanye abavelele ebholeni.
“Kodwa-ke engicabanga ukuthi kungaba semqoka kakhulu kule sizini ezayo ngoba sesenyukile isibalo samaqembu kule ndawo kwiMotsepe League, wukuthi sisizane singamaqembu endawo. Sibumbane ukuze kuthi uma sibona kukhona owenza kahle simuphushe aye phambili, singabi nomona wokuvimbelana.
“Lokho-ke kungasisiza ekutheni sikwazi ukuba neqembu lakule ndawo elikhuphukayo liye kwiFirst Division ngesizini ezayo,” kusho uMdluli.
UMdluli uke waqeqesha iqembu leMaritzburg elidlala kwiDStv Diski Challenge, nakwiRichards Bay FC.
Ngesizini edlule uMkhambathi ufinyelele kwiLast 32 yeNedbank Cup, waqeda endaweni yesithathu kwi-log yeStream B yeKZN ABC Motsepe League, kwathi iMidlands Wanderers yaqeda endaweni yesine.
Ngaphambi kokuba iMaritzburg United ithenge isitifiketi seTembisa Classic eyayidlala kwiPremiership ngo-2005, uMgungundlovu wake waba namaqembu amabili ayedlala kwiFirst Division phakathi kuka-2001 no-2004, okuyiMaritzburg City neMoja United.
IMaritzburg City yakhiqiza izihlabani zabadlali okubalwa u-Andile ‘Sguda’ Cele, Mbulelo ‘Old John’ Mabizela, Jimmy Tau noMlungisi ‘Pro’ Gumbi, ukubala abambalwa. Bazakhela igama emaqenjini ambalwa okubalwa i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, Lamontville Golden Arrows neqembu lesizwe iBafana Bafana.